Umlando nokubaluleka kwezibongo kumaZulu

Imibhalo kaPurity Ndimande (2001) iveza ukuthi isibongo ngokwamaZulu yigama likakhokho oyinzalabantu okuyaye kubizwe ngalo umndeni wonke ovela kulowo khokho. Izibonelo zezibongo zamaZulu oDuma, Nhlumayo, Cele, Ndlovu, Zungu njll. Ngokuloba kukaNdimande, isibongo sibaluleke kakhulu esizweni samaZulu ngoba siveza ubuhlobo, okusiza kakhulu uma sekufika esigabeni lapho khona abantu befuna ukuganana. Kwazise phela ukuthi kuyichilo esizweni sakwaZulu ukuthi … Read more

Imbeleko nokubikwa emadlozini

Le ndatshana ishicelelwe ngu-Mike Msani, yahlelwa ngu-Nkosikhona Duma “Isiko lwafika kuqala kunokukholwa kwama Krestu – ngibona sengathi sesalilahla isiko,” kusho uMxolisi Mkhwanazi ebukeka sengathi unengekile ebusweni. UMxolisi waseMagabeni Township eningizimu yeTheku emavikini amane adlula wenzelwa usiko lwembeleko kanye nesiko lokumubika emadlozini akubo. Lamasiko ngokusho kwakhe abalulekile nangokuba avuselela ukuxhumana okungcono namadlozi akini futhi aze akwazi ukuthi … Read more