Imbuzi Yabakhongi

Umkhongi umuntu osuke ekhethwe umndeni walowo ofuna ukuganwa ukuthi aye ekhweni ukuyomulobolela. Kubalulekile ukuthi kube nezinto ezilandelwayo njengokuhlatshwa kwembuzi ngaphambi komshado omkhulu ngumndeni kamakoti bebonga abakhongi.

Kulembuzi ehlatshiswa abakhwenyana kuthathwa inyongo, ifuthwe ichonywe esigqokweni somkhongi omkhulu noma empahleni ayigqokile. Lembuzi iyaphekwa idliwe bese ingxenye yayo okuyisifuba kanye nomkhono bahamba nayo ukuze ekhaya babone ukuthi bebehlatshisiwe. Lomcimbi wabakhongi ungumcimbi ophathelene nabaphilayo nabangasekho. Inyongo iqhakambisa isiqalo sezivumelwano ezizokwenziwa uma abaphilayo bevumelana ngesimo esithile nabaphansi bayavuma kanti uma abaphilayo bephika nabaphansi bayaphika. Inyama yembuzi eyisethulo, iluphawu lokuvumelana nhlangothi zombili. Ifike idliwe ekhaya kwamkhwenyana njengophawu lokwamukeleka emzini lapho kade beyokhonga khona.

Umcimbi wokuganiselana uhamisana nokuhlatshwa kwezimbuzi nezinkomo,b nokusetshenziswa kwezinyongo nomswani ngoba ungumcimbi ophathelene nabaphansi. Abakhongi laba basuke bezokwenza umsebenzi wabangasekho. Ukuganiselana ngumcimbi osingathwa yibo.
Uma kubulawa lezizilwane, igazi, umswani nenyongo kuphathwa ngenhlonipho. Yisona sabelo sabo esilwaneni esihlatshiwe. Igazi kwenziwa ngalo ububende, okuyisidlo esisemqoka samadlozi. Inyongo injengomxhumanisi wabaphilayo nabangasekho. Amadlozi anamathela enyongweni njalo uma kuhlatshiwe. Abakhongi bazofike babike ngokushisa impepho emsamo, basho ukuthi bahambe kanjani lapho bebethunywe khona uSokhaya. Yingakho nje beyichomile inyongo yembuzi abayihlatshisiweyo, baphethe nesifuba nomkhono wayo. Kungebe kuhle uma inyama izohamba yonke kodwa enye ayethulwe, idliwe khona lapha ekhaya ukuze kuthokozwe ndawo zombili.

By: Sbo Dladla

Leave a Comment