Ingxoxo noMama Juliya Cele. obesichazela ngezindlela abantu ababebona ngazo uma sekudingeka kwenziwe utshwala lwesintu ekhaya. Sizoqlala sibheke ukubaluleka kotshwala besintu, ngezikhathi zasemandulo utshwala lwesintu lwaluhlale lukhona emzini wendoda ngoba lwaluthandwa kakhulu abanumzane emizini yabo nokuthi uma kunesihambi kwakubalulekile ukuthi sifike sithole okuphuzwayo ekhaya. Obabamkhulu kwakuba into ababeyiphuza kakhulu noma bezihlalele ndawonye bezixoxela izindaba zabo. Kanti esikhathini sanamuhla sekuvamise ukuthi utshwala bugaywe uma kunemicimbi ethize kuphela.
Izinkolelo
Kubakhona izilwane ekuthi uma abantu bezibonile noma bezizwa zikhala endlini ubezwe sebesho ukuthi sekumele kugaywe utshwala ngoba amadlozi omuzi asekhumbule utshwala besintu. Lokhu akulindi ukuthi kuze kwenziwe umsebenzi othile ekhaya kuyagaywa nje ngoba kunenkolelo yokuthi amadlozi alufunayo utshwala. Uma kulowo muzi kukhona indawo abayibiza ngomsamo, kuyona uma nje bebona izintuthane eziningi ezibomvu zihamba khona basuke sebazi ukuthi kumele bagaye utshwala.
Kuphinde kubekhona iqhwagi elibizwa ngokuthi ugogo nalo livamise ukuthi lingene endlini uma kufuneka utshwala.
Kuphinde kube indle yona ekhala emsamo uma ikhalile kuzogaywa kubizwe amadoda endawo aphuze. Lobotshwala abuhambi nalutho kuhamba bodwa ngoba kusuke kungashiwongo ukuthi kufuneka umsebenzi. Kusuke kufuneka lona lodwa ngoba kuthiwa amadlozi asuke omele bona nje kuphela.
Izinto ezazenziwa emandulo abantu abanye basakholelwa ukuthi kufanele bazenze ngaleyondlela yakudala nokuthi kumele bazigcine ikakhulukazi utshwala lona olwakithi kumele umuntu abugaye noma ngabe akakholelwa emadlozini. Ngoba kusuke kuyindlela yokuzigqaja ngamasiko akini noma imvelaphi yakho. Ngoba bona abushiselwa impepho buyibona nje ukuthi ukhumbule abantu bakini abangasekho futhi uzihlalele nabantu abadala. Nokuthi uma ungumakoti kuyadingeka ukuthi wenzele umyeni wakho ukuze akwazi ukuhlala nabantu akhelene nabo bazane kangcono.
English Summary
Signs of when should a traditional beer be made
Traditional beer is mostly associated with traditional ceremonies, the truth is in the olden days it was always made so that when there are visitors in a homestead they will have something to drink. Only men drank traditional beer in the olden days it was a taboo that a woman would be offered this beer. Some people believed that ancestors had a way of telling them when to make sorghum beer by sending a sign to them. Mostly these signs were through certain animals for examples red ants and praying mantis. This particular traditional beer does not need any form of meat or a formal ceremony. It can be drank by men only.
By: Nqobile Mdabe