Izimbongi ZaKwaZulu

Uma kukhulunywa ngezibongo, ikakhulukazi ezamakhosi aKwaZulu, igama lembongi alisali. Imbongi umuntu owabe ebaluleke kakhulu emlandweni wamakhosi, ngisho wesizwe imbala. Izimbongi kwakuba abantu abanobuqhawe, izingwazi uqobo, ezivukwa amadlingozi nosinga lapho zibona inkosi ihlabana, ziyihashe ngezibongo. Kwakungabantu abanobuciko bokubeka inkulumo ngendlela enongayo, inkosi kungathiwa inkosi kepha ifaniswe nezigazonke: kuthiwe umlilo, inyathi, ibululu, indlondlo, isihlahla, isiziba njalonjalo. Abanye … Read more

Izibongo zeNkosi uSolomon

INkayishana enkulu kaMenzi! Ephuz’ umlaza ngameva Usephul’ imith’ iphekiwe Endlini kokaNtuzwa Usib’ olusenkundlen’ oSuthu Luntul’ ongaluthintayo. ULanga lisahlule madoda Sesingamavikithi UMpondozinde zingangamagud’ ezinyathi Ugwabab’ aliphethe mgoqoNonhloyil’ angabuk’ azakhanuke. Ungced’ onyokel’ isife singawi Unogwaj’ othiy’ izinja zasOndini Indaba yenziw’ amadod’ akwaNobamba Yenziwa uMankulumana, ezalwa uSomaphunga Yenziwa uNdabankulu, ezalwa uLukhwazi Yenziwa uLokothwayo ,ezalwa uZembe Yenziwa uMvingana, ezalwa … Read more

Durban Living Legend – Gcina Mhlophe-Becker

Nokugcina Elsie ‘Gcina’ Mhlophe born in Hammersdale in 1959 is a well-known South African freedom fighter, activist, actor, storyteller, poet, playwright, director and author. after completing her matric at in 1979 at Mfundisweni High School. She did a Cadet Journalism course at the Rhodes University, 6 months Film Making Course as part of Interchurch Media … Read more