Uma kukhulunywa ngezibongo, ikakhulukazi ezamakhosi aKwaZulu, igama lembongi alisali. Imbongi umuntu owabe ebaluleke kakhulu emlandweni wamakhosi, ngisho wesizwe imbala. Izimbongi kwakuba abantu abanobuqhawe, izingwazi uqobo, ezivukwa amadlingozi nosinga lapho zibona inkosi ihlabana, ziyihashe ngezibongo. Kwakungabantu abanobuciko bokubeka inkulumo ngendlela enongayo, inkosi kungathiwa inkosi kepha ifaniswe nezigazonke: kuthiwe umlilo, inyathi, ibululu, indlondlo, isihlahla, isiziba njalonjalo.
Abanye abantu imbongi bayibiza ngokuthi yinyosi noma ingede. Elenyosi igama yilona elinembayo ngoba imbongi iyatinyela kuhle kwesilwane esiyinyosi. Inyosi inesibindi sokuthi uma inkosi iphosisa, iyakwazi ukuyikhuza ngokuyeluleka kokunye iyithethise imbala. Inyosi yayingabekwa cala kulokho. Imbongi ingumuntu ophila emihlabeni emibili, yilowo wabaphansi nabaphezulu.
Ngaleyondlela inyosi iyaziwa futhi ihlonishwa njengomxhumanisi wabaphilayo nabangasekho, isizwe nezinyandezulu zaso, abaphezulu nabaphansi ngesulokukhanda isimongamazwi. Imbongi inelungelo lokwenza lokhu okulandelayo iyancoma, iyaqalekisa, iyeluleka, iyakhuza, iyababaza, iyadumisa, iyabalula, iyandisa noma iyanciphisa nokunye. Imbongi yenkosi yiyokanye engumqaphi womlando wenkosi. Izibongo zithukulula ingaphakathi lembongi. Umongo walokho ekushoyo imbongi umunyethwe ngamagama ewashoyo nendlela ewashoyo. Uma ulalele izibongo, uzwa imbongi ibongela, kwesinye isikhathi kubasengathi ikhuluma naye embongelayo.
Imbongi ibuye ishintshe unyawo kubesengathi ixoxela izihlwele ngalowo embongelayo. Kwesinye isikhathi kubasengathi imbongi iyamsukumisa Iowo embongelayo. Kubasengathi imenzisa okuthize, iyamhasha futhi iyamgiyisa. Imbongi iphinda futhi kubesengathi izanomlando othize, iyaqhosha, iyancenga, iyamthandazela, iyamyala, uma ibona ephaphalaza khona. Indikimba yalokho okushiwo yimbongi izwakala kahle uma ulalela kahle ukunkeneneza kwayo, yehlisa iphimbo ibuye iliphakamise, inensa, ishesha, ifika, ingafiki kulokho ekusophile. Olalele imbongi ihaya, angafunda wonke umlando wesikhathi leso inkosi ebongwayo eyayibusa ngaso.
KwaZulu inkosi nenkosi ibanomqaphi noma abaqaphibayo, ababizwa ngokuthi izimbongi. Nazi izingwazi ezivelayo emlandweni wakwaZulu, ezenza umsebenzi wobumbongi ngendlela encomekayo:
Izimbongi zamakhosi aKwaZulu
INKOSI IMBONGI
UShaka UMagolwana Jiyane
UDingane UMshongweni
UMpande UMagolwana Jiyane
UCetshwayo UMahlangeni Khumalo
By: Sbo Dladla