Umculo wabafundi baseJG Zuma High School

Enyakatho yeTheku elokishini laseNanda kukhona isikole esiqanjwe ngegama likaMnumzane Jacob Gedleyihlekisa Zuma owaba umongameli wakuleli kusukela ngo-2009 kuya ku-2018. Lesi sikole saziwa njengezinye ezimbalwa zikahulumeni ezifundisa izifundo zomkhakha wezasolwandle phecelezi i-Maritime. Lesi sikole singaphinde sibabazeke nangegalelo kwezomculo. Awuke ubheke nje ngezansi abafundi bakulesi sikole benandisa ngamaphimbo amtoti eThekwini mhla zingama-25 ku-June kowe-2018. Lezi zinsizwa zihuba … Read more

Inun’ Emnyama II

Sisekuyo lendaba kaSomahhashi, kuhle sikuveze ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni kuhlabe kwaphukela kuthina balandeli bomculo wesintu, nosekusenze salahlekelwa yithemba thina balandeli balomculo futhi kwacacisa bha! ukuthi kushuthi alikho iciko lalomculo elizogugela kuwona njengoba engasabaleki amaciko akithi asendile singakashayi isikhathi. Njengoba nensizwa eyasebenza kakhulu noMbomvu uMgqumeni naye washeshe wasishiya emhlabeni. Inun’ Emnyama igqame emculweni kaMaskandi isebenzisana nensizwa … Read more

Umculo Wesintu

  Thina sizwe esinsundu ziningi izinto esizigqaja ngazo nesizithwele ngeqoma ezingamasiko ethu. Izinto esizibungazayo yimicimbi yesintu, imvunulo esihloba ngayo emicimbini ehlukene, ukudla esikumayayo kwesintu kanye nomculo wesintu. Lawa amaciko acikoza ngawo amaZulu.   Ziningi izinhlobo zomculo wesintu thina sizwe sikaZulu esiziqhenya siphinde sizigqaje ngawo. Kulezo zinhlobo zomculo wesintu kubalwa isicathamiya, umbhaqanga, imvunge, umasikandi kanye neminye … Read more