Umculo Wesintu

 

Thina sizwe esinsundu ziningi izinto esizigqaja ngazo nesizithwele ngeqoma ezingamasiko ethu. Izinto esizibungazayo yimicimbi yesintu, imvunulo esihloba ngayo emicimbini ehlukene, ukudla esikumayayo kwesintu kanye nomculo wesintu. Lawa amaciko acikoza ngawo amaZulu.

 

Ziningi izinhlobo zomculo wesintu thina sizwe sikaZulu esiziqhenya siphinde sizigqaje ngawo. Kulezo zinhlobo zomculo wesintu kubalwa isicathamiya, umbhaqanga, imvunge, umasikandi kanye neminye ukubala nje izinhlobo ezimbalwa, ngikha phezulu okuyinhlobo esizishaya isifuba ngawo.

 

Umculo wesintu uhambisana nokusina noma nengoma njengoba kuwumculo onesigqi futhi ovusa usinga ngisho kwixhegu eselixheguza ubudala, ngisho nesinedolo sivuka sisine uma sesizwa umculo wesintu ngoba izimpande zawo zisekujuleni kwenhliziyo. IsiZulu sithi kuguga umzimba kusale inhliziyo, okusho khona ukuthi umuntu noma ngabe usegabe kangakanani empilweni kodwa uma esezwa umculo wesintu kuqubuka ingwebu yenjabulo nobusha noma esuke esekhulile ngeminyaka.

 

Umculo wesintu unesigqi futhi unomlayezo. Yingakho weqa imincele, uthandwa yintsha kanye nasebadala asebekhulile. Likhulu igalelo elidlalwa umculo wesintu ezimpilweni zethu thina bantu besizwe esinsundu, ikakhulukazi thina sizwe samaZulu. Isizathu salokho ukuthi umculo wethu udlalwa emidlalweni yesintu nasekubungazeni amasiko ethu, njengasembungazweni wobukhosi bakwaZulu nasezintweni ezifana njengosodwendwe, izibizo nomemulo lapho kusuke kubongwa khona intombi eziphathe kahle ngobuntombi bayo. Ngisho noma kuqonywa insizwa umculo wesintu ongena lapho kusuke kusina khona amabhungu nezintshikizane.

 

Njengoba ziningi izinhlobo zomculo wesintu  ezigqame kakhulu singabala umbhaqanga, imvunge, isichathamiya kanye nomasikandi ngenxa yokuthi baningi abantu abathanda lezinhlobo zomculo futhi abawulangazelelayo. Lokhu kufakazelwa iningi lamaciko adabuka KwaZulu Natal asedume izwe lonke, njengama Soul Brothers abacula umbhaqanga, uMfiliseni Magubane ocula imasikandi ne-Zulu Messengers bona abacikoza ngesicathamiya.

 

Umculo wesintu unamandla okuvusa umuzwa wenjabulo, unamandla wokwelapha uphinde upholise amanxela kulaba abalimele emoyeni, ungagcini lapho uthobe izinhliziyo kulaba ezinyelile ngenxa yezimo zomhlaba esiphila kuwo.

 

Umculo wesintu iwona mculo kuphela kuyoyonke ekhona othandwa yibobonke abantu ngokwezigaba zokuhlakana kweminyaka njengoba uthandwa abancane, abafana, izintshikizane, amabhungu, izintombi, abagcagcile namaxhegu nezalikwazi. Lokho kusho kukubeka obala bha! njengezinqa zeselesele ukuthi umculo wesinto unamandla futhi izimpande zijulile kubantu njengoba ubungazelwa abancane nabadala futhi uyinto thina sizwe samaZulu sigqaja siphinde siciyoze ngawo uma kukhona esikugubhayo okungokwethu.

 

Uma ulalele umculo wesintu umuzwa uwuzwa usuka ezinzwaneni uze uyophuma ngezinwele ekhanda ngoba uzothile. Ukwazi ngisho ukuhamba ngemithambo yegazi uzizwe ukwelinye izwe uma uwulale. Ngisho nohleli phansi uvuka agiye kusiphuke izidindi kwehle imithangala.

 

Igalelo elidlalwa umculo wesintu likhulu futhi libanzi lidlula iziziba ezibanzi ngoba ukwazi ukuhlanganisa abantu bezigodi ezahlukene, abangaphansi kwamakhosi ahlukene ubenze babambane ngazwi linye, bavume imvunge noma ingoma eyodwa noma ngabe isimo sinjani ezindaweni ezahlukene ngokwesikompilo nangakwezinkolo ngisho nangokwezepolitiki.

 

Ukuba khona kwemisakazo efana njengoKhozi FM ongumsakazo umkhulu ezwenikazi lase Afrika kanye nemisakazo yemiphakathi efana neNanda FM neGagasi FM kudlala indima enkulu ekusabaleliseni umculo wesintu kanye nezinhlelo ezikumabonakude zenza kube lula ukuthi  udlule ezindlebeni eziningi umculo wesintu nakwizinkulungulwane zabantu abawuthandayo futhi abazigqajayo ngayo.

 

Ngenxa yemisakazo nomabonakude umculo wesintu awugcini la eNingizimu Afrika kuphela futhi kuthina sizwe esinsundu kuphela njengoba kukhona amaciko esintu asemenywe ukuyonandisa emazweni omhlaba njengoBaba uPhuzekhemisi neLadySmith Black Mambazo, asebedlale emazweni omhlaba begqamisa umculo wethu.

 

Brief overview

We Africans have always prided ourselves with our culture, whether it is material culture, musical experiences, beliefs and even customs that we practice. But in this instance, one will focus on traditional music which is a cornerstone of our Zulu traditional beliefs because traditional music encompasses and is utilised in different occasions depending on what they are related to, such as traditional weddings, heritage celebrations and even for leisure and entertainment, where one plays traditional music for recreational purposes.

 

Traditional music is deep-rooted and crosses all age groups. There is a saying that says, “music breaks bridges” which is what our beloved Zulu traditional music does. There are different types of traditional music genres namely (isicathamiya and imvunge) which is traditional music based on rhythm, hymn and vocals without any instruments played. Then there is masikandi music. Most musicians who sing this type of traditional music utilise vocals including musical instruments.

 

All the aforementioned traditional music genres are found in all KwaZulu Natal areas and are predominant in all surrounding areas. Furthermore, traditional music conveys the message which local people can relate to, as some of the songs are about manhood (ubunsizwa), love (uthando) and loss (ukulahlekelwa) just to highlight some of the subjects traditional music covers.

 

The mainstream media such as national and local radio stations have promoted the commercialisation of traditional music. Ukhozi FM and Inanda FM are some of the radio stations that promote traditional music as they are both found in Durban. They have wider access to traditional music because of the number of the listeners these radio stations have and also because of their mandate to promote traditional music as a way of supporting local artists.

 

 

Leave a Comment