Umlando WakwaMthiyane Nezithakazelo Zabo

Umlando wabantu bakwaMthiyane ubakhomba kwimvelaphi nokudabuka kubantu bakwaCele. Ukwakha kwabo eduze neNonoti eNkandla kuye kofika kuMhlathuze kwadala ukuthi indawo idume ngaphansi kwabo. Inkosi uDibandlela owayebusa isizwe sakwaMthethwa walandelwa umzukulu wakhe uMagaye ngoba amadodana akhe inkosi uDibandlela ashona esemncane engakabusi. Wayenamadodana amabili okwabe kungu, Mdonsilwa kanye noVico. UVico kwase kuba uyena owazala amadodana amabili uMagaye kanye … Read more

Amaqhawe aseLamontville nomlando wakhona

ILamontville lingelinye lama lokishi okuqala uma kungelona elidala kunawo wonke amalokishi akhona ngaphansi kukamasipala weTheku. Leli lokishi laqanjwa ngonyaka ka 1934 liqanjwa nguMfundisi Archibald Lamont, lowo obeyi Meya yalo iTheku kusukela ngonyaka we 1929 kuya kowe 1932 eqhoqhobele izintambo zombuso. Abantu babe ngebaningi eThekwini ekuqaleni, eminyakeni yawo 1900, ngoba isibalo sabo besilinganiselwa ku 55 700 … Read more

Albini Catholic Mission

History of the Albini Catholic Mission in Ntshongweni as related by the late Sister Gertrude Nzama. Contents Albini Church and School Albini Mission Station Road and Transport Albini Pilgrimage Congregation of Mary Immaculate Mediatrix of Grace New School of Albini Health Clinic at Albini Death of Father Wagner New Buildings and Albini High School Improve Convent … Read more

Umlando Wabantu BakwaKhumalo

Izithakazelo Mntungwa! Mbulaz’ omnyama Abathi bedl’ umuntu bebe bemyenga ngendaba Abadl’ izimf’ ezimbili Ikhambi laphuma lilinye Lobengula kaMzilikazi Nina bakaMaqandela owawel’ izambezi ngezikhali Nina bakaNkomo zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome Nina enal’ ukudl’ umlenze Kwabulawayo Mantungw’ aluhlaza Mantungw’ amahle Nina bakaDonda weZiziba Nina bakaKhonyane Lulwandle kaluwelwa, luwelwa zinkonjane. Umlando Njengoba abantu bakwaKhumalo bephuma kuKhumalo obengumnewabo kaMabaso, … Read more

Umlando Wabantu BakwaHlongwa Nezithakazelo Zabo

Shozi! Hlophe! Khayisa! Ngangaz’ izulu! Nyathela kobhoboka Fihlela! Hlela! Majozi! Kwathi amabhunu namaZulu eselwile, uFynn wase ebuyela emuva eMzimkhulu. Ebona amaHlongwa ukuthi kuyingozi ukuzihlanganisa nalomuntu, anquma ukuzihlukanisa naye besabela izimpilo zabo ukuthi bazohlaselwa. Kwathi sekubusa iSilo sakwaNodwengu KwaZulu, lawo maHlongwa abuyela emuva kwabakubo eMzumbe eseholwa nguJoli kaMjulela. Ngenkathi esebuyela emuva uJoli kaMjulela ukuyolekelela iSilo saseMgungundlovu, … Read more