Umlando Wabantu BakwaHlongwa Nezithakazelo Zabo

Shozi!
Hlophe!
Khayisa!
Ngangaz’ izulu!
Nyathela kobhoboka
Fihlela!
Hlela!
Majozi!

Kwathi amabhunu namaZulu eselwile, uFynn wase ebuyela emuva eMzimkhulu. Ebona amaHlongwa ukuthi kuyingozi ukuzihlanganisa nalomuntu, anquma ukuzihlukanisa naye besabela izimpilo zabo ukuthi bazohlaselwa. Kwathi sekubusa iSilo sakwaNodwengu KwaZulu, lawo maHlongwa abuyela emuva kwabakubo eMzumbe eseholwa nguJoli kaMjulela.

Ngenkathi esebuyela emuva uJoli kaMjulela ukuyolekelela iSilo saseMgungundlovu, wathola uyise esekhotheme kwase kuphoqa ukuba athathe ubukhosi. AmaHlongwa asendlunkulu nguZwebu, ehlela emfuleni iMaHlongwa, eningizimu yaseBhodwe. Babengaphansi kwabelungu ngaleso sikhathi ngoba iBhodwe labe libuswa ngabeNgwadi (abelungu). Inkosi uZwebu walandelwa yinkosana yakhe uMjulela, yena walandelwa nguJoli oyinkosana yakhe. AmaHlongwa ayeseMzimkhulu wona ebuswa nguSifana kaLanga kaZwebu. Nakhu ke ukuzalana kwamakhosi akwaHlongwa.

AmaHlongwa aseMzumbe (indlu kaMlanjana)
Umlanjana wazala uZwebu, yena wazala uLanga owazala uZukela, uShozi noNgawu. Uzukela wazala uMjulela noGabhisa. UMjulela wazala uJoli noMpunzi. UJoli wazala uMthamo yena owazala uNgqungqushe owazala uNdlomothi ozala inkosi uZiphamandla. UMpunzi wazala uNomagqeba.

AmaHlongwa akwaKhawula (indlu kaGabhisa)
UGabhisa wazala uHlola yena owazala uSotubu ozale uNkumbi, yena owazala uMchithwa ozala uDingezweni, yena owazala uCalalakubo ozale inkosi uBhekamahlongwa, uMntomuhle, uNhlanhla, nabanye emndenini.

Indlu yaseMalangeni kaMjulela kaZukela
Bona-ke babuye babizwe ngokuthi abakwaLanga. Bona bazalwa nguMjulela kaZukela wasendlini encane yakwaHlongwa. Kade bakhe phakathi kwaseMvoti nakwaHlimbithwa. Inkosi kwabe kunguNdaba eyakhothama lapho behlaselwa yiSilo sakwaDukuza. Isizwe sakhe sabe sesibalekela ngaseNingizimu yezwe. Ngaleyonkathi babeholwa nguBabe kaNdaba. Babaleka baze bayokwakha ngako Mziwezinto (uMzinto), uBabe yena wabe esezala uMangcengeza.

Indlu yakwaMaluleka ekaZwebu kaMlanjana
AbakwaMaluleka baphuma endlini enkulu yakwaHlongwa nokwabe kuyindlu kaZwebu. Sibathola ekuqaleni laphaya eMvoti nokulapho bebeholwa khona nguKhondlo. Naye uKhondlo wakhothama njengoNdaba emuva kokuhlaselwa yimpi yakwaZulu. Babaleka baze bayokwakha laphaya eMzimkhulu. Nakhona abahlalanga ngoba babuye bedlulela laphaya ngasemfuleni iFaye. Lapho base beholwa nguSisinde kaKhondlo. USisinde lona wabuye wadingiswa abengwadi laphaya ezweni lakhe.

Indlu yaseMakhuluseni (oKhuluse) ekaMpunzi noMjulela
Baphuma esendeni likaMjulela wasendlini encane yakhona kwaHlongwa. Bona-ke sibathola bebuswa nguNomagqeba kaMpunzi kaJoli kaMjulela.

Indlu yaseKunene (KwaJeza)
Lababantu babuye baziwe ngokuthi abakwaNkabinde kodwa hhayi oNkabinde baseMacuseni. Bona sibathola bakhe laphaya empumalanga nakwaHlimbithwa kuze kuyoshaya kwaMaphumulo. Bona baphuma ozalweni lukaZwebu wakwaHlongwa. Nabo baba neshwa futhi lokuhlaselwa yimpi yakwaZulu.

Ngesikhathi sokuhlaselwa kwabo babaleka bayongena ehlathini beholwa nguNyamuza kaSidwaba yena okwathi lapho behlaselwa, wavele wathatha isihlenga sakhe wayongena emfuleni ehamba nendodana yakhe okwabe kunguLuhlaba. Babaleka ngesihlenga leso balibhekisa eNingizimu nezwe. Kwathi abasala lapho bagcina sebefudukele eMsunduze maphakathi nomfula uMlazi nase Edendale. USidwaba wazala uNyamuza owazala uLuhlaba noMacweba. UMacweba wazala uNgolela.

Indlu kaShozi
Bona ke baphuma kuShozi kaLanga kaZwebu kaMlanjana wakhona kwaHlongwa. Behlukana kabili, abanye bazithakazela ngoMthiya kaNdawombi, abadla imofi bethi badla inyamazane. Bese kuba ngabazithakazela ngoGidela, Hlongwa.

Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kubo nguShenge kaNdaba kodwa hhayi wakwaButhelezi. UShenge lona wakha ihlalankosi lakhe wathi kuseMangangeni. Lo Ndaba obuye wazala uKhondlo abaphuma esendeni likaZwebu. UShenge lona wazala amadodana amabili, uShozi II noMdunge.

Babalekela izimpi balibhekisa kwaMaphumulo lapho abafika khona izwe labo bathi kuseMangangeni, babelokhu bengalishiyi igama lehlalankosi yabo. KwaMaphumulo besebeholwa ngamadodana kaMagalela kaMdingi kaMagojolo. Lawo madodana kaMagalela kwakungoManzini (inkosana) nomnawakhe uNdengezi.

Leliyazwe balifica lingenamuntu kodwa ekhona umnumzane uMatingwana wakwaHlophe. Inkosi uManzini yaganwa yindodakazi yakhe uMatingwana. Ngaleyondlela abantu bakwaShozi bazitholela nonkosikazi kubantu bakwaHlophe. Namanje leliyazwe laseMangangeni kwaMaphumulo lingaphansi kombuso wakwaShozi nakuba inkosi yesizwe sakhona nengxenye yabantu babuye basuka khona balibhekisa eNingizimu nezwe.

By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper

2 thoughts on “Umlando Wabantu BakwaHlongwa Nezithakazelo Zabo”

  1. Lungisa ezithakazelweni, angikaze ngizwe obaba bekhuluma ngalezibongo ozibalile o Hlophe,Majozi Hlela.Sengathi kuphambukekile la.kodwa ke umlando wona muhle siyabonga.yobe makuyimi engishoda ngolwazi.

    Reply

Leave a Comment