Amaqhawe aseLamontville nomlando wakhona

ILamontville lingelinye lama lokishi okuqala uma kungelona elidala kunawo wonke amalokishi akhona ngaphansi kukamasipala weTheku. Leli lokishi laqanjwa ngonyaka ka 1934 liqanjwa nguMfundisi Archibald Lamont, lowo obeyi Meya yalo iTheku kusukela ngonyaka we 1929 kuya kowe 1932 eqhoqhobele izintambo zombuso. Abantu babe ngebaningi eThekwini ekuqaleni, eminyakeni yawo 1900, ngoba isibalo sabo besilinganiselwa ku 55 700 ngaleso sikhathi. Lokhu bekwenziwa ukuthi ngalezo zikhathi ukuhamba nokunyakaza kwabantu bomdabu bekuqoqwa amapasi nezimvume zokuba ube nelungelo lokuba ube kuleyo ndawo ohambele yona ekususa emakhaya. Kanjalo- ke neTheku uma ubufisa ukuya kulona ubudinga imvume ebhaliwe eshoyo ukuthi uyaphi, uyakubani, uyokwenzani, isikhathi esingakanani bese iba nesigxivizo sakomkhulu esishoyo ukuthi unelungelo lokuba lapho ukhona noma kwenzeka uvinjwa endleleni uphokophelele khona bangakubuyiseli emuva bethi awunamvume.

UMsizi Dube esinye sezishoshovu esakhulela kulo lelilokishi ngezikhathi zakudala lapho intshebe isahlaba umniniyo. Isimo senhlalo kuleli lokishi besingeyona into enhle negculisayo kubahlali kwezokuthuthuka nezingqalasizinda nokuthuthukiswa kwamabhizinisi. Lokhu kwenziwa wukuthi iLamonti kanye mamanye amalokishi afana no Clermont, kanye noChesterville namanye, abantu bakhona benqaba ukuba amalokishi abo angene ngaphansi kukahulumeni waKwaZulu wangaleso sikhathi. Ngenxa yalokho ukopeletsheni wavele wangayishaya indiva indaba yokuthuthukiswa kwawo lamalokishi.

Ngonyaka ka 1921 isibalo sabantu besesifinyelela ku 90 500 iningi kungabesilisa abamnyama. Iziphathimandla zeTheku zangaleso sikhathi, bezifuna ukuthi babe khona abamnyama ngoba beyikhona imisebenzi ebibukwa njengemisebenzi yabantu abamnyama efana neyokuhlanza izindlu zangasese kanye nasendlini neminye imisebenzi edinga izikhwepha. Umkhandlu weTheku ngonyaka ka 1931 wathenga umhlaba iWood Estate lomhlaba odonsa kusukela eMobeni kuya lapho kuzinze khona i Lamontville. Laqala ukwakhiwa lelilokishi ngonyaka ka 1932 kuya ku 1934 kwase kwakhiwa namakhothishi eminyakeni elandela ukusungulwa kwalo leli lokishi. Lelilokishi liqhibuke ngamaqhawe abe nomthelela emphakathini weTheku nezwe lonkana laseNingizimu Afrika.

Nanka amaqhawe aphuma khona kulelilokishi
Umfundisi M. Xundu obesophondweni kusungulwa i United Democratic Front (UDF)
UMnumzane Msizi Dube
Dorothy Nyembe (izishoshovu ze ANC ezikhulele khona e Lamontville)
Bheki Cele (obengumholi kwezamaphoyisa kazwelonke)

Lelilokishi liphinde libe negalelo kwelikanobhutshuzwayo kazwelonke abasunguli bayizakhamuzi zase Lamontville uMato kanye no Rocky Madlala abangabasunguli be Lamontville Golden Arrows abadlali abavelele kwelikanobhutshuzwayo. Impela lelilokishi alilincinyana emkhandlwini weTheku namaqhawe kanye nomlando walo ongumqingo omumethe.

Mbusiswa Zuma

Leave a Comment