Izakhiwo noma ukwakhiwa kwezindlu sekwehluke kakhulu manje, uma nje uvakashele amalokishi amaningi afana noMashu, uMlazi, Lamontville kanye namanye amaningi uyabona ukuthi kunendlela ethi mayifane yokwakha izindlu. Lokhu ngukwakha kwesimanje lapho khona indlu eyodwa iba namagumbi amaningi ndawonye kepha ehlukene phakathi. Lapha sibala ixhiba eselibizwa ngekhishi “Kitchen” liba negumbi khona la endlini, kube igumbi lokunethezeka “Lounge” nalo libe negumbi lakhona, kube negumbi lokulala “Bedroom”, kube nendawo yokudlela “Dining Room” nayo ibe negumbi layo khona endlini kanye nendawo yokugeza “Bathroom” njalonjalo. Lokhu kukhombisa ukuthi ukwakhiwa kwezindlu sekushintshile futhi nokucatshangwa kwazo akusafani. Imizi emningi emalokishini ayinayo indlu yabadala lapho okushiselwa khona impepho esikhathini samanje okuba izindlu zo- “round”, emandulo bekuba amaqhugwane/oguqasithandaze.
Uma sesiqhathanisa nje indlela yokwakha yesimanje nakudala ihluke kanjena ke yona ngezakhiwo. Umuzi wesiZulu ububa nezindlu ngokuhlukana kwazo egcekeni futhi zibizwa ngamagama azo. Kukhona indlu yakwagogo, indlu kagogo ke kuba indlu yakhe umkhulu umehluko nje uba sekutheni izindlu zazingabizwa ngamagama amadoda kepha awesimame benikwa indawo yabo. Bese kulandela indlu kakhokho wasekhaya, isibonelo nje uma umkhaya umkhulu uba nezindlu ngezindlu ezihlukene eziphuma kuKhulukhulu “uMqambisibongo” ngakhoke kumele wazi ukuthi njengoba engowakwesibongo esithile ibizwe ngaso njengokuthi “kwaMaSithole” ngoba phela kuyilapho akazalelwe khona. Kanti lokhu kubalulekile nasekutheni umazi ukhokho wakho okusebenzelayo, okuninka nezinhlanhla ingakho kungamangazi ukuthi insika yomuzi iyona indlu kakhokho, okuyinsika yomuzi kayihlo noyihlomkhulu ingakho noma uyakha lendlu kumele ihluke impela kulezi ezinye izindlu kanti futhi kumele ibe phakathi kwezindlu ingabi seceleni ngoba yindlu yensika, lendlu iyona ke okuthi noma umuntu uma egula engasindi kungenwa kuyo kuthethwe khona.
Uma ke nomnumnzane enamakhosikazi amaningi nalapho izindlu zakhona ziyahluka zibizwe ngamagama kube khona neyekhohlo njalonjalo. Njengoba sishilo ukuthi izakhiwo azisafani. Emalokishini indlu yakhiwa ibe yodwa ngokujwayelekile kepha ibe nkulu ibe namagumbi ahlukahlukene kanti ke lawo magumbi awaqanjwa ngokuthi leli igumbi likagogo noma ukhona ngoba phela zona zihleleke ngendlela yokuthi amagumbi kuhlosweni ngawo ingakho ehlukaninswa ngokuthi indlu yokudlela, igumbi lokulala, elokuphumula njalonjalo.