Izinyoni zezulu

Ziningi izinto umuntu akhule etshelwa ngazo. Lezi zinto zazishiwo abantu abadala ukusifundisa kabanzi ngempilo nangemvelo.  Imfundiso engumkhombandlela wesimo isithile noma isimo okumele sisiqikelele. Lokhu kuphinde kube yindlela yokudlulisa ulwazi ngosikompilo lwesintu.  Sikhule kunezinyoni obekuthi uma zibonakele noma zakhala kusho isimo sezulu esithile sezulu esizayo. Kulezi zinyoni ngingabala kuzo uthekwane, insingizi, ufukwe kanye nenkonjane.

  • Uthekwane udume ngokuba inyoni yezulu, lokhu kungenxa yokuthi uma uke wakhala lokho kusho ukuthi lizoduma izulu lishaye nombani. Le nyoni yehlukile kwezinye ngokuba nencagela okuyiqhubu eliba sesiphundu, lokhu kwenza uthekwane ube nekhanda elimisise okwesando. Uthekwane inyoni engajwayele ukubonakala ngisho ezindaweni zasemakhaya lapho okunamahlanze kanye nobuhle bemvelo khona.
  • Insingizi noma ingududu ingenye yezinyoni zezulu engavamile ukubonakala ihamba yodwana. Ukukhala kwengududu kubika izulu elizoduma bese liyayidliva (line kakhulu). Uma zikhala azenzi umsindo ofanayo, kuba sengathi zenza inkulumo mpendulwano. Lolu hlobo seluyivela kancane kangangokuba sezisohlwini lwezinyoni ezisencupheni yokushabalala.
  • Ufukwe noma umgugwane inyoni yemvula. Ukukhala kukafukwe kubika izulu elizoyidliva kube nezikhukhula. Ufukwe nakuba ungekho engozini yokushabala kodwa kuyivelakancane ukuwubona.  Kuvame ukuzwakala ukukhala kwawo kodwa awubonakali ngenxa yokuthi awuhambi uhlala esidlangalaleni.
  • Inkonjane inyoni ejwayelekile kepha engavamile ukuhamba ngayodwana. Ukubonakala kwazo uma kade lina izulu, kusho ukuthi selizophenya. Lezi zinyoni zehlukile ngokwakha izidleke ngotshani nangodaka, okuwubuchule obandulela kwisaga esithi, Inkonjane yakhela ngodaka.

Nakuba lezi zinyoni ezinye zazo seziyindlala zisekhona ezindaweni ezisemahlanze nasezindaweni ezigcina imvelo, phecelezi ema-Zoo. Ukubikezela kwalezi zinyoni into ongayiqaphela nasesisikhathi samanje uma ubenenhlanhla yokubona noma wezwa ukukhala kwalezi zinyoni. Lokhu kungenye indlela ehlaba umxhwele ngendlela abantu abadala abenikisisa ngayo.

Ukucobelelana ngolwazi ilona usikompilo kithu indlu emnyama, yingakho sithe asisike elijikayo ukuthuthukisa ulwazi ngokomdabu.

4 thoughts on “Izinyoni zezulu”

  1. Sanibonani,
    Ngisacela ukubuza ukuthi akunabungozi yini uma ubona inkonjane yakhela isidleke sayo ngodaka ngaphandle ku ceiling board wase vrande. Ngithulile angikakaze ngiyizwe into enjalo. Ngicela ningiphendule bandla. Ngididekile
    Mrs Hlengwa
    Adams Mission

    Reply

Leave a Comment