Ukuzelapha ekhaya kuyindlela yomdabu kanye nezindlela zokupheka ezivela ezitshalweni ezikhulile ezingasebenza ukwelapha. Lezi zitshalo zingasetshenziswa ukwelapha, ukudambisa, nokunciphisa izinhlungu. Lezi zindlela azigcini nje ngokugcina isikhathi nemali kepha kulula ukuzididiyela.
Nazi izitshalo esingazisebenzisa njengamakhambi
- Isihlahla sikaBhanana
- I-Fennel
- I-Mint
- I-Granadilla
- I-Lemon Grass
Isihlahla sikaBhanana
Cwecwa bese ucuba ubhanana ongakavuthwa bese uwafaka emqubukweni, emuhuzukweni noma esilondeni sokusha. Mboza ngamaqabunga kabhanana afudumele nebhandishi.
Faka bhanana ocutshiwe esikhunjeni esishiswe yilanga.
Cindezela igobosi, alibomvu eliyisiphonsthi ngemuva esicathulweni, esithendeni ukunciphisa izithende eziqhekekile(amansensela/ imikenke).

I-Fennel
Hlafuna amaqabunga e-fannel amasha, ahlanzwe kahle ukunciphisa izilonda zangaphakathi (ulcers).
Itiye
Thela amanzi abilayo phezu kwamaqabunga e-fennel nezimbali. Khama uphuze ukuze unciphise ukuqunjelwa, isilungulela, i-colic nokwenza usuthe ngokushesha.
I-hot Toddy
Thela amanzi abilayo anguhhafu wenkomishi enamaqabunga e-fennel, ama-clove amane nethisipuni elilodwa lesinamoni eyiphuphu. Pheka imizuzu emihlanu. Sefa bese ufaka ujusi kalamula, isipuni esisodwa soju kanye ne-brandy encane.

I-Mint
I-Mint yenza isisu sikhululeke uma singakuphethe kahle, yenza kubelula ukugayeka kokudla bese ilwa nokuphazamiseka kwesisu. Yehlisa ukwethuka futhi kusize ukugxila. Idambisa izimpawu zomkhuhlane kanye nomkhuhlane futhi ingasetshenziswa ukugeza umlomo ukususa ukungcola komlomo. Yehlisa isifuthefuthe sokushisa kwabesifazane abaya esikhathini.
Itiye
Thela amanzi abilayo phezu kwe-mint bese uyaphuza.

I-Granadilla
Izithelo, amaqabunga nezimbali kungasetshenziswa ukwehlisa ukwethuka, ukudambisa, ukuthulisa, nokuqeda ukwesaba nokukhathazeka. Ilusizo kwabnenkinga yokuqwasha nokuhlaselwa uvalo Kanye nasekugayeni ukudla emzimbeni..
Itiye
Thela amanzi abilayo phezu kwembali eyodwa ye-granadilla. Bese ukwenza kube noshukela ngoju.

I-Lemon Grass
Inokunambitheka okunamandla kukalamula, bunomphumela wokuthoba futhi bungasetshenziswa ukuvimbela ukukhathazeka nokuqwasha
Itiye
- Hlanza bese ugoqa i-lemon grass ukuze ukhiphe ukunambitheka kukalamula.
- Bilisa amanzi aze abenombala ophuzi (yellow).
- Sefa bese ufaka ushukela noma uju khona kuzonambitheka.
:max_bytes(150000):strip_icc()/GettyImages-4871735521-05f50c5058b64d45b7d2ba8b9084dbb4.jpg)
Imithombo: Edible and Medicinal Flowers by Margaret Roberts
Siyabonga kakhulu Ulwazi lezithelo zokwelapha. Ngicela isisombululo samathambo ankenkethayo