Umncintiswano weSand Sculpture eThekwini

Kunezinto oye uthi uma uzijwayele noma uvamile ukuzibona ugcine ungasazinaki kakhulu. Lokho akukhona ukuthi awusayithakaseli noma abanye abantu abayithakaseli. Uma use South Beach eThekwini kunabantu ababumba noma abakha imifanekiso ehlukahlukane ngesihlabathi (sand scripture), lokhu ngenye yezinto abantu abavakashela kuleli bhishi abayithandayo baze bathathe izithombe nemifanekiso eyakhiwe ngesihlabathi. Kepha ubuwazi uthi kubakhona umncintiswano walababumbi besihlabathi?

Ophume phambili kulomcintiswano obungempelasonto ngomhlaka 20 Novemba 2021 wokwakha ngesihlabathi eSouth Beach eThekwini uLindo Zungu. UmfokaManzini othole u-R10 000 ngokuhamba phambili, uthe uzothenga ngawo inkomo.  Ophume indawo yesimbili kube uLucas Mahlangu yena wathola u-R5000 ube eselandelwa uJabulani Ndlanzi othole u-R2500 ngokuphuma isithathu. Lomncintiswayo ubuyingxenye yeCOSAFA Beach Soccer Championship eNew Beach, lapho kunqobe iMozambique.

UMasipala weTheku uthe abakha ngesihlabathi abawu-10 abanemvumo (permit) yokwenza lokhu abebevumelekile ukungenela lomqhudelwano. Okhulumela idolobha iTheku uMsawakhe Mayisela uthe uZungu uhlela ukuthenga inkomo ngomkomelo wakhe ukuze ezoba  nemfuyo emakhaya kwaHlabisa. Ngokusho kwaMayisela uMasipala ulekelela ama-artists ukuthuthukisa amakhona awo ngokuwafundisa. Ngaphezu kwalokho idolobha libatholela indawo yokutshengisa ngomsebenzi wabo, libatholele uxhaso nokusebenzisana kusho uMayisela.

Uqhube ngelithi ukusingatha iCOSAFA Beach Soccer championship kuyixhathu lokutshengisa iphupho ledolobha lokukhulisa noma lokuthuthukisa ezemidlalo ebhishi. ITheku indawo epholile enesihlabathi esichulisayo esihambisana ne India Ocean okuyinto ebiza izivakashi.

Umthombo wezithombe: IOL

Leave a Comment