Ukubaleka Okwenziwa Intombi iya Emzini

Umkhuba noma lelisiko lokubaleka kwamakoti lwenziwa njengengxenye yesikhathi lapho sekuqomene ababili, intombi isuke iyoziveza kubo kwensizwa leyo okugcina kuholela emalobolweni. Uma intombazane ikhetha ukubaleka, ihambisana nomngani wayo omkhulu, izonyonyoba iyongena egcekeni lakubo kansizwa lena athandana nayo. Lapho igqoke isidwaba, lesi asithathe kubo emagcekeni kayise. Bafika lapha ngesikhathi lapho ilanga liyozilahla kunina, lapho abantu sebengenile nasemagumbini … Read more

Okwenziwa Ngumakoti Ngosuku Lomembeso

Kuningi okwenziwayo uma umuntu wesifazane egana. Lapha sibheka okulindeleke kumakoti ngosuku lomembeso wakhe. UNkosikazi Dlamini kanye noBongiwe Mkhize abahlala endaweni yaseNanda eCongo basixoxele ngalokho okulindeleke kumakoti ngabasemzini wakhe ngosuku lomembeso. Umembeso yizipho ezilethwa ngabantu basemzini noma abakhwenyana kuzombeswa umndeni nezihlobo zakubo kamakoti eziphilayo nezingasekho. Njengokujwayelekile abakubo kamkhwenyana bayahamba baye kubo kwentombi ngezikhathi zasemini. Uma befika … Read more

Kwenziwanjani Uma Kushawa Umuntu Wesilisa Emshadweni

Sonke siyazi ukuthi izinga lokuxabana noma lokulwa ebantwini ababili abathandanayo noma abashadile liphezulu kakhulu ezweni lethu. Lokhu abantu abaningi bazitshela ukuthi kungumkhuba ofika nesikhathi samanje noma sanamuhla kodwa iqiniso lithi lomkhuba kade waqala. Okujwayelekile ukuthi kutholakale kungumuntu wesifazane oshawayo, lapha sibheka indlela ekwenziwa ngayo uma kungumuntu wesilisa oshayiwe ngowesifazane. UGogo Pretty Ndlovu ohlala Ematikwe, Inanda … Read more

Izinto Ezazenziwa Esikhathini Sakudala Uma Kushadwa Ezingasenziwa

Kuningi osekwashintsha ezintweni ezazenziwa ezikhathini zakudala uma uqhathinisa nesikhathi samanje. Abantu abaningi bathi lokhu kwenziwa ukufika kwenkolo kubantu abayeka ukugcina amasiko abo noma bawashintsha ukuhambelana nesikhathi. Ukwenza izinto ezihambelana nesiko kubalulekile ukuthi yenziwe ngendlela enenhlonipho ngoba kusuke kuhlonishwa amadlozi futhi kunezinto ezilandelwayo nekufanele ziqikelelwe ukuze umsebenzi owenziwayo uphumelele. Ukukhetha Izimpelesi  Uma kuzoshadwa labo abashadayo kufanele … Read more

Izimpahla Ezitholwa Uma Kulotsholwa Ngezigaba Zazo

Abantu abambathayo noma abathola izifo umakugana intombi nezigaba abathola ngazo ngaphambi kokuthi kushadwe noma kugcagwe. Ziningi izindlela abantu abazilandelayo ngoba kukhona izindawo noma izigodi lapho kungacelwa khona kuvele kukhokhwe amalobolo kuphela bese kuyashadwa. Asikho isikhathi esibekiwe ukuthi kulotsholwane ngaso kuya nangamandla abantu ngoba uma kuwumuntu odla izambane likapondo kuyashesha. Abantu abajwayele ukuthi nakanjani bathole yilaba: … Read more

Indlela Elandelwayo Uma Kuhlawulwa Noma Kulotsholwa Ebukhosini BakwaNgcobo, KwaMaphumulo

Sibe nenhlanhla yokuthi sixoxisane noMntwana uXolisiwe Portia Ngcobo ohlala endaweni yase Inanda eCongo, kodwa imvelaphi yakhe ungowakwaMaphumulo esigodini saseNewspaper. Nkosazane Xolisiwe uzalalwe ebukhosini kaNgcobo ngamanye amazwi uyingane yasebukhosini. Inkosi ebusayo njengamanje umkhulu wakhe igama layo nguMngane Ngcobo. Lapha kubalulekile ukuthi sicacise ukuthi sikhuluma ngobukhosi bakwaNgcobo endaweni yaKwaMaphumulo kuphela. Okwenzekayo okujwayelekile Sonke siyazi ukuthi intombi yasebukhosini … Read more