Kuningi osekwashintsha ezintweni ezazenziwa ezikhathini zakudala uma uqhathinisa nesikhathi samanje. Abantu abaningi bathi lokhu kwenziwa ukufika kwenkolo kubantu abayeka ukugcina amasiko abo noma bawashintsha ukuhambelana nesikhathi. Ukwenza izinto ezihambelana nesiko kubalulekile ukuthi yenziwe ngendlela enenhlonipho ngoba kusuke kuhlonishwa amadlozi futhi kunezinto ezilandelwayo nekufanele ziqikelelwe ukuze umsebenzi owenziwayo uphumelele.
Ukukhetha Izimpelesi
Uma kuzoshadwa labo abashadayo kufanele babe nezimpelesi. Kwakubalulekile ukuthi umuntu akhethe umuntu olingana naye futhi abasezingeni elilodwa lempilo. Njengokuthi umuntu wesifazane uma eshada engenayo ingane kufanele nempelesi yakhe ingabi nayo ingayo noma usenayo ingane nempelesi kufanele kube ngumuntu osenengane. Esikhathini sanamuhla akusagcinwa lokho abantu bahlanganisa abantu abanezingane nabangenazo.
Kuqala uma kwenzekile wakwenza lokhu wathatha umuntu onengane noma ongenangane kungafanele, lowomuntu kwakufanele ukuthi agezwe ngokwesiko lesintu ngoba usuke usumfakele amabhadi wamhlanganisa nabantu ebekungafanele ahlangane nabo njengokuthi naye uzotholela umntwana ekhaya noma angagani. Kuyenzeka abanye bamkhokhele imali lowo asuke eyimpelesi.
Umembeso
Umembeso nawo ngokunjalo uma wenziwa manje awusafani nowakuqala. Kukhona izinto abantu asebazishintsha kakhulu, uzwe abantu abawaziyo amasiko bethi akwenziwa kanjena. Kodwa isuke ingekho into azoyenza umuntu ngoba manje umuntu wenza ngendlela azingayo. Umembeso wawenziwa kuqala ngokuthi omama babevuka ekuseni kakhulu beyombesa kubo kamakoti. Umama kamkhwenyana wayehamba nabanye omama bemphelezela ukuyombesa. Bahamba nentombazane eyodwa ezofike kube iyona ezombesa umakoti. Iphinde kube iyona ezokwenza yonke into imbese wonke umuntu wakubo kamakoti.
Kuyothi uma omama sebeqedile bazohamba baphindele emuva emini. Kuthi ntambama kuhambe izinsizwa kanye nezintombi kuyiwa kubo kamakoti. Kuyosinwa ingoma kuphinde kuqhudelwana nabakamakoti. Hhayi lendlela eseyenziwa manje ukuthi izintombi zihambisane nomama emini. Kuphinde kuthi uma sekudliwa abantu bakamkhenyana abahlangani nhlobo nabantu bakamakoti. Nabakhwenyana bakhishelwa indlu yabo bodwa. Kodwa manje usuke ufice abantu behlezi ndawonye etendeni lento yayingenziwa kuqala.
By: Nqobile Mdabe