Indima edlalwa abantu abadala ezimpilweni zabantu abasakhula

Izalukazi zazidlala ingxenye enkulu ekukhuleni kwezingane ekhaya nasemphakathini kangangokuthi babethenjwa futhi babekwazi ukubona uma umuntu esengena esigabeni esithile sokukhula. Futhi ukuthenjwa kwabo kwakwaziwa kakhulu izinsizwa uma isifuna ukuganwa ngoba yayibuza bona abantu abadala ngokuziphatha kwentombazane. Ziningi izindlela ababeyihlola ngayo intombi leyo uma kukhona izinto ababengaziqondi kahle. Kuzothi uma esekutholile lokho atshele insizwa yilapho isalukazi sesizoklonyeliswa … Read more

Amagama ezinkomo zokulobola

Izinkomo ezikhishwa uma kulotsholwa zinamagama azo ezibizwa ngawo. Ubikibiki – inkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe ngesikhathi elobola. Ubhaqa – inkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyokukhanyisa indlela. Ibheka – igama lanoma iyiphi inkomo yelobolo. Umqholiso – inkomo ehlatshwa uma kuvakasha umakoti. Inkomo inikezwa unina kamakoti. Uma intombazane ilahlekelwe ubuntombi bayo ingakagani umfana uyayikhokha lenkomo noma … Read more

Abaganisi

Abaganisi abantu abakhethwa umzali wentombazane ezogana ukuthi babheke zonke izinto ekufanele ukuthi zenziwe ukuthi zenzeke ngendlela eyiyo yini. Bangabaphathi bokudla nezinsila zomntwana kubalulekile ukuthi kube ngabantu bomndeni noma abasondelene kakhulu nalowo osuke ezogana. Abaganisi bayehlukaniswa kubantu bonke futhi bayizethenjwa nabaphathi bodwendwe. Kudingeka ukuthi kube ngabantu abaneso elibanzi ngoba nasodwendweni noma ngemicimbi yokujabula emndenini basuke bekhona … Read more

Ukungenwa Komuntu Wesifazane Ngabasemzini

Ingeno into evamise ukwenzeka kakhulu ezindaweni zasemakhaya futhi wusiko olalwenziwa kudala. Kusaphila okhokho bethu kwakwiyinto abangayixwayi kakhulu njengoba sekwenziwa manje. Izinto eziningi ezingamasiko ethu abantu abadala babeyazi ukuthi yenziwelani yonke into noma umkhuba owawukhona wawuba nesizathu sakhona. Umbuzo ofikayo ukuthi kwakubangelwa yini ukuthi uma umuntu ezale ingane angangeni kulowomuzi uma kungalotsholwanga? Futhi uma engenwa akabe … Read more

Ukulobola Ngokwamazinga Ehlukene Okuphila Kwabantu

Contents 1 Ukulobola 2 Isikhwehlela nobikibiki 3 Imibondo 4 Izipho zabakhongi Ukulobola Isiko lokulobola lihlukene ngokwamazinga ehlukene okuphila kwabantu endaweni njengokulotsholwa kwentombi ezalwa ngumuntukazana, noma ezalwa yinduna noma yinkosi yesizwe. Uma uzalwa umuntukazane intombi ilotsholwa ngezinkomo eziyishumi nambili (12) kodwa uma uzalwa ebukhosini zibayishumi nesihlanu (15) kanjalo uma uzalwa yinduna. Uma intombi isithole ingane kodwa kungeyona … Read more

Ukugana Kukamakoti Asebenze Kude Nasekhaya

Ikuphi ekusuke kulindelwe komakoti abancane emzini abasebenza kude nasekhaya? Kungabe omakoti bamanje abasebancane basenza ngendlela okwakwenza omakoti bakuqala ngayo na? Uma umakoti eganile emzini uma kwenziwa umsebenzi kumele afike ngasiphi isikhathi? Uma umuntu esengumakoti, umamezala usuke esethole umsizi wakhe egcekeni futhi naye esezophumula kweminye imisebenzi eminingi ngoba sebezohlukaniselana ngayo, futhi basuke sebezobambisana kuzona zonke izinto … Read more