Sibe nenhlanhla yokuthi sixoxisane noMntwana uXolisiwe Portia Ngcobo ohlala endaweni yase Inanda eCongo, kodwa imvelaphi yakhe ungowakwaMaphumulo esigodini saseNewspaper. Nkosazane Xolisiwe uzalalwe ebukhosini kaNgcobo ngamanye amazwi uyingane yasebukhosini. Inkosi ebusayo njengamanje umkhulu wakhe igama layo nguMngane Ngcobo. Lapha kubalulekile ukuthi sicacise ukuthi sikhuluma ngobukhosi bakwaNgcobo endaweni yaKwaMaphumulo kuphela.
Okwenzekayo okujwayelekile
Sonke siyazi ukuthi intombi yasebukhosini kuthiwa ayilotsholwa ngezinkomo ezilingana nezabafokazana lapho intombi ilotsholwa ngezinkomo eziyishumi nanye uma ubuntombi bayo busaphelele. Ngoba uma ingasaphelele iyaphuka inkomo yomqhoyiso kamama bese ziba yishumi kuphela izinkomo. Kuphinde kubhekwe ukuthi izingane zona azikabibikho yini ngoba lokho kungachaza ukuthi zisazophuka izinkomo kuye ngenani lezingane ezikhona bese ziyaphuka. Njengokuthi uma umuntu engaseyoni intombi kuphuka inkomo eyodwa, uma esenengane noma izingane kuphuka inkomo ngayinye ngokwesibalo sezingane ezikhona.
Umehluko wentombi yasebukhosini
Kuyavela ukuthi ukhona umehluko omkhulu ngendlela ekwenzeka ngayo. Futhi ukuvezile ukuthi kuyagqugquzelwa ukuziphatha kahle kwezintombi, zizigcine zize zithole abayeni bazo zingazalelanga ekhaya. Kodwa futhi waveza ukuthi iqiniso lithi sekuyenzeka nazo izingane zasebukhosini zizithole sezikhulelwa zingakashadi. UXolisile uyasho ukuthi kuyafana ukwenza kwabo njengalokho okujwayelekile, kuye kugezwe umuzi bese kukhishwa nenkomo kamama. Umehuko okhona ukuthi kunemali ekhishwayo ekuba ekababa akathandanga ukudalula inani layo. Ubaba wentombi lemali uzisebenzisela yena. Ikhishwa ngosuku lokukhokhwa kwenhlawulo. Ngaphandle kwenkomo yomqhoyiso nomama kukhona imali ayitholayo kodwa umehluko kunobaba ukuthi umama wentombi uyayithatha ingxenye yayo athengele ingane izingubo zokugqoka noma ingubo yokulala. Noma ngabe intombi leyo ayikhulelwe imali iyakhishwa.
Uma sekulotsholwa
Uma ngabe sekulotsholwa izinkomo ziba ishumi nesithupha (16) zokulobola intombi ephelele. Ebukhosini bakaNgcobo kuzona lezinkomo kusuke kubalwe nenkomo kamama. Okufanayo ukuthi uma kwenzeka ukuthi intombi leyo isinengane, inkomo iyaphuka.
Kodwa nje isibalo sakhona sinkomo 16 kuphela uma nje uzokhokhela intombi yakhona. Lokhu okwengubo noma ngabe ingane ibingakatholi kodwa wakhipha ubuntombi bayo uyakhipha lezimali zokuhlawula ekababa nekamama.
English Summary
When it comes to the number of cattle that are paid during lobola negotiations for a daughter of an ordinary person and a chief, there is a difference. This is also noted when each young woman falls pregnant out of wedlock. As much as the latter practice is almost similar the difference is that there is money involved that is given to both parents in the chieftancy household.
Princess Xolisile Portia Ngcobo from KwaMaphumulo, whose grandfather is the reigning chief of their area of Newspaper and some surrounding areas, shared that when there are lobola negotiations for a princess the number of cattle is 16 as opposed to the 11 cattle given to the ordinary person. What is similar is that if the young woman is no longer a virgin they also cut off one cow for virginity and also when she has a child out of wedlock another cow is cut off depending on the number of children. What is important to note here is that this article only focuses on what they practice in her family as the Ngcobos of KwaMaphumulo – not in other areas.
By: Nqobile Mdabe