Umculo Nendlamu, Sibusisiwe High School

Abantu babewuthanda umculo futhi yayingekho imisakazo. Abantu babecula noma yingasiphi isikhathi, njengokuthi amantombazane uma eyokha amanzi oma eyotheza ayehamba ecula kanjalo nabafana noma amadoda uma eyozingela nawo ayecula. Umculo babewusebenzisa njengendlela yokuxhumana ngoba omunye umuntu wayezwa ngohlobo lweculo ukuthi kuyiwaphi aphume alandele labo. Kuthiwa uma beyotheza babenendlela ababebizana ngayo ehlathini, isibonelo uma kukhona omemezayo ebuza ukuthi bangakuphi abanye babephendula ngokuthi, “Wuuuu, waaaaa!” besho ngesikhathi esisodwa.

Isibonelo samaculo:
Udadewethu uqome umahlelela
Sasimutshela wethu, uzozibonela
Wemsheli wami,
Wavuka, wangenyanya
Uzongikhumbula mhla uphela amandla

Isishiyameni
Isishiyameni yingoma yamaZulu isikhathi esiningi isinwa abafana kanye nengcosana yamantombazane. Lengoma iqhamuka kwaZulu lapho isinwa abantu abadala abawobaba. Isihlukene kabili, khona ethiwa shiyameni lona osinwa izingoma ezihamba kancane kugqokwa imbadada ethiwa udabuluzwane eyakhiwe ngethayi kanye nentambo yezimbuzi noma incingo oluthile bese ifake amabhandishi nomata wokuhlobisa.

Isishiyameni yilokhu okusheshayo okusinwa ngamateki, manje sekukhona esinwa ngezigubhu nezimbunge zakaShembe nezindweba ezibizwa ngokuthi ihule sikubiza ngomndanso wesishiyameni. Empandwini kunamaqembu ekuthiwa Amaphakakani, Amathemba egcokama, Abafana bazungezwa. Kuba nemincintiswano yesishiyameni namahlahla ngoZibandlela lapho kusukwe kuvalwa unyaka.

Ingoma yesintu

Ingoma ihlale isinwa emakhaya, kunezindlela ekugqokwa ngazo imvunulo eyakhiwe ngewuli nendwangu baye bagqoke amabhade ngasenhla. Isinwa ngezinduku futhi kuhanjwa ngezinyawo kuphathwe namahawu. Lengoma isinelwa noma ikuphi kubuka bonke abantu kuba isipani lapho kusinwa nima ndawonye iba negoso elefaka izingoma. Kuba khona omakoti abalilizelayo uma kusinwa ingoma abafake izidwaba. Amagoso isikhathi esiningi asebenzisa umuthi kakhulu ukululaza amanye amagoso. Igoso elihamba phambili elika Vimbini Shange laseMbumbulu.

Leave a Comment