Big Zulu ushun’ wenkabi

UnguSiyabonga Nene odume ngelika Big Zulu ocula irap/hip hop, abhale izingoma aphinde abe ngumlingisi. UBig Zulu ongowokuzalwa eBergville, KwaZulu Natali usezinze eGoli. Uthando lwakhe lomculo lwaqala kumculo kaMaskandi nesiCathamiya, ngaphambi kokuba abe umculi wayeshayela itekisi okungenzeka igama lenkabi athanda ukulisebenzisa walithatha kukhona. Yize leligama livame ukuhlanganiswa nabazingeli/ababulali abathengwayo uBig Zulu uselenze lajwayeka ngendlela ehlukile, njengoba … Read more

Ukunqoba kukaBig Zulu

Akusajwayelekile ukubona iciko elicikoza ngolimu lomdabu luzidlela amahlanga kumncintiswano wohlobo lomculo olubizwa ngokuthi yiHip Hop eNingizimu Afrika njengoba sekugcwele kakhulu amaciko acula ngolimu lwesingisi. Kube ingqophamlando ukuthi uBig Zulu ocula ngesiZulu azidlele amahlanga ngokuhlabana ngezindondo eziyisikhombisi kwakade eqokwe kuzona. USiyabonga Nene ongowokuzalwa eBergville odume ngelika Big Zulu uyiciko elihluke kakhulu kwamanye acula lolu hlobo lomculo … Read more

Ubumbano lwamaciko

Sekuyisona mthandi womculo wesintu leso sikhathi sokuthi abantu babheme bakholwe ngemicimbi wokuvala unyaka kaZibandlela esuke ihlelwe abahleli bemicimbi yesintu. Sikhuluma lezindaba nje babheme bakholwa abathandi womculo wesintu abahlala KwaMashu namaphethelo. Phela KwaMashu bezisina zidedelana emcimbini obizwa ngokuthi Ubumbano lwamaciko njengoba bekufike amaciko ahlukahlukene ezodlalela abantu. Ukubuya kwemicimbi ekanjena kubuyisa ithemba ikakhulukazi kumaciko nakubathandi balo mculo … Read more

Umkhumbane Maskandi Festival

Umkhumbane Maskandi Festival Njengoba le nyanga eyedlule ka Mandulo (September) kuyinyanga yamagugu ezizweni ezahlukene eziphila eNingizimu Afrika, ibimningi imcimbi ebihlelwe kulenyanga ephathalene nokuzigqaja ngamasiko ethu thina sizwe esimpunga. Lemicimbi kubalwa kuyo umgubho waminyaka yonke uMkhosi woMhlanga. Lomcimbi uhlonishwa kakhulu ithina sizwe sikaPhunga noMageba okuwuwo obunedumela elikhulu, futhi obulindelwe ngamehlo abomvu isizwe sonke, okubalwa nezinye izizwana … Read more

Qhakaza Maskandi competition

Qhakaza Maskandi Umncintiswano weQhakazi Maskandi usungulwe insizwa esimnkantshu ‘bomvu emculweni wesintu kaMaskandi okunguKhangelani Mhlongo waseNquthu, odume ngelika ka-DSD endimeni yalomculo. Kulomncintiswano kuzoqhudelana abaculi baMaskandi noma amaqembu asafufusa abazozitholela ithuba lokuthi bahlomule ngemali eyizinkulungwane ezingamakhulu amabili (R200 000), futhi baphinde baqophe ngaphansi kwenkampani yakhe umfo kaNjomane okuyi Njomane’s Entertainment Empire. Lomncintiswano osezingeni eliphezulu kangaka ubanjwe yi … Read more