Kuyini kahle kahle ubungoma?

Kuningi okuyaye kushiwo ngabantu abayizangoma. Okunye kwalokhu kuhle. Okunye kakunambitheki kahle. Abanye bake bakhombisa ukwenama ngokusizakala ekukhanyisekeni kwendlela yabo uma beya ezangomeni, kanti abanye bakholelwa ukuthi izangoma zingabathakathi. Ngike ngathola ithuba lokuxoxisana noMnu. Kulunga Khwela, ngenhloso yokwazi kabanzi ngobuNgoma. UMnu. Khwela uyisangoma esizinze eThekwini ngokuhlala. Awuke ufunde nawe, ngezansi, uthole ulwazi:   Nkosikhona Duma (ND): … Read more

Umsebenzi Wobungoma

Ingxoxo noMakhosi P. M. Dlamini waseMpandwini eMbumbulu. UZanele Shange wohlelo Ulwazi ube nengxoxo noMakhosi Dlamini oyisangoma. Ngemuva kokugula isikhathi eside kwatholakala ukuthi kufanele athwasele ubungoma. Waya kothwasa wakwenza konke okwakufanele akwenze esigodlweni wabe esephothula eseyoqala umsebenzi wobungoma. Ezinye zezingqinamba uMakhosi Dlamini abhekana nazo ekuthwaseni ukuhamba ngezinyawo angazifaki izicathulo okwenziwa yilabo abasuke besathwasa kanye¬†nokuvuka ekuseni kakhulu¬†ukuze … Read more