Umsebenzi Wobungoma

Ingxoxo noMakhosi P. M. Dlamini waseMpandwini eMbumbulu.

UZanele Shange wohlelo Ulwazi ube nengxoxo noMakhosi Dlamini oyisangoma. Ngemuva kokugula isikhathi eside kwatholakala ukuthi kufanele athwasele ubungoma. Waya kothwasa wakwenza konke okwakufanele akwenze esigodlweni wabe esephothula eseyoqala umsebenzi wobungoma. Ezinye zezingqinamba uMakhosi Dlamini abhekana nazo ekuthwaseni ukuhamba ngezinyawo angazifaki izicathulo okwenziwa yilabo abasuke besathwasa kanye nokuvuka ekuseni kakhulu ukuze ashaye izinkamba zakhe nokugeza ngomuthi kusetshenziswa amanzi abandayo, kepha wakwazi ukumelana nalobobunzima wagcina esephumelele.

Izangoma zihlola noma zisebenza ngezindlela ezahlukene. Kukhona izangoma ezishaya amathambo, ezinye zihlola ngemilozi, ezinye zihlola ngezigubhu. Kulezozindlela isangoma siyamtolikela osuke ezohlola.
UMakhosi usebenza ngokulapha abantu abanezinkinga ezehlukene. Uma umuntu efika ezofuna usizo uyakhuleka emakhosini akwaDlamini bese engeniswa esigodlweni. Unezambatho zakhe zokusebenza okuyijazi, isigqoko kanye nebhayi azinikezwa abantu abadala azisebenzisa uma ehlolela abantu. Usebenzisa amakhandlela asuke efike nomuntu, ashise impepho, akhuleke acele edlozini ukuthi limkhanyisele. Uma eseshise impepho wakhuluma bayaphakama abantu abadala kuye bese beyakhanyisa ukuthi umuntu uze ngani. Uma ke umuntu esetholile abekuzele uzobe esesho uma efuna ukulashwa.

UMakhosi Dlamini uyilunga lenhlangano yabaholi bendabuko ebizwa ngokuthi yi-Traditional Healers Organization (THO), lenhlangano wangena kuyo ngo 2009 ngemuva kokuphothula ukuthwasa. Kulenhlangano bafundiswa ngezifo ezikhona kulesisikhathi samanje okuyizifo ezithathelanayo ezinjenge HIV ne AIDS, i-TB kanye nezinye izifo zocansi ezithathelanayo. UMakhosi Dlamini wathola isitifiketi ngemuva kokufunda mayelana nezifo ezithathelanayo. Inhlangano yezangoma iyaqhubeka njengoba noMasipala weTheku usuzibophezele ekutheni asebenzisane nayo. UMakhosi Dlamini ugxeke kakhulu abantu abazenza izangoma ngezinhloso zokwenza okubi, ukubekile ukuthi lokho kwenza igama lezangoma libukeleke phansi.

Written By: Zanele Shange

Leave a Comment