Buyini kahle kahle ubungoma?

Kuningi okuyaye kushiwo ngabantu abayizangoma. Okunye kwalokhu kuhle. Okunye kakunambitheki kahle. Abanye bake bakhombisa ukwenama ngokusizakala ekukhanyisekeni kwendlela yabo uma beya ezangomeni, kanti abanye bakholelwa ukuthi izangoma zingabathakathi. Ngike ngathola ithuba lokuxoxisana noMnu. Kulunga Khwela, ngenhloso yokwazi kabanzi ngobuNgoma. UMnu. Khwela uyisangoma esizinze eThekwini ngokuhlala. Awuke ufunde nawe, ngezansi, uthole ulwazi:   Nkosikhona Duma (ND): … Read more

Ukwazi Izikhathi – Izinyanga

Imvelo! Njengoba ebengekho amawashi (watches) emandulo kwaZulu, ukwazi imvelo ikona obekusiza ukwazi isikhathi, lokhu kufaka ukwazi izinsuku ngesintu, izinyanga kanye nemibala.  Ukwazi imvelo lokhu belu bekusetshenziswa kakhulu ukwazi izikhathi zonyaka ngokwesintu (calendars). Unyaka lona wehlukaniswa izigamu ezine ezibizwa kanje: intwasahlobo, ihlobo, ikwindla kanye nobusika. Lokhu bekwaziwa ngokuqaphela izithelo ezithile ezimila ngesikhathi esithile kanye nemifino. Okunye … Read more

Izinyanga, izinsuku nesimo sezulu ngesiZulu

Kule video: Abantwana basho amagama ezinyanga zonyaka, izinsuku zesonto kanye nesimo sezulu ngesiZulu. Ulwazi Programme seluke labhala lachaza kahle izinyanga nesimo seZulu ngesiZulu. Abantwana basho izinsuku zesonto ngesiZulu: Monday – uMsombuluko Tuesday – uLwesibili Wednesday – uLwesithathu Thursday – uLwesine Friday – uLwesihlanu Saturday – uMgqibelo Sunday – iSonto