Okwenziwa Uma Kushone Iwele Eselikhulile

Okwenziwayo Uma Kushone Umuntu Oyiwele
Izingane ezizalwe zingamawele zithathwa njengabantu abanenhlanhla ngoba babizwa ngokuthi amakhosi. Lapha sibheka udaba lokuthi kwenziwanjani uma kushona noma kwenda elilodwa, esekhulile esesigabeni sokuba nemizi yawo. UMama uMakhosazane Mdabe osilandise ngaloludaba. Ekufanele sikukhumbule ukuthi amawele athathwa njengomuntu oyedwa. Ngesintu akushiwo ukuthi umuntu oyiwele ushonile kodwa kuthiwa wendile.

Ukwenda Kwewele Lokuqala
Kuthiwa uma kwenzeka kushone iwele elilodwa, unkosikazi walo akazili. Nokuthi akhale ukukhombisa ubuhlungu benhliziyo ukuthi umyeni wakhe ushonile abantu abadala bayamkhuza ukuthi angakhali kumele aqine kunenkolelo yokuthi leli elisuke lisaphila lizokwenzelwa ibhadi ngokukhala nokuzila. Kuthiwa kufanele enze yonke imisebenzi elindeleke ukuthi yenziwe ngumakoti ekhaya ngoba ngisho sekuphunywa emngcwabeni naye kufanele asize kulokho okwenziwayo. Nokugqoka izingubo ezimnyama noma inzila. Nokunye asitshele kona uMama Mdabe ukuthi akuhlatshwa silwane njengoba kwenziwa uma kuhambe umnumzane wekhaya. Nomsebenzi owenziwa ngemuva konyaka kuhambe umnumzane awenziwa ngoba phela kusuke kungazilwanga kulowomuzi.

Ukwenda Kwewele Lesibili
Lapho kuqala khona ukuzila nokwenza yonke imikhuba ehlanganiswa nokushona yilapho kusuke sekuhambe iwele lesibili. Lapha womabili amakhosikazi akulowomuzi abegane amawele ayazila futhi ahloniphe njengoba kulindelekile kumuntu oshonelwe umyeni wakhe. Yingaleso sikhathi lapho nomunye esengakwazi ukuthi azilele umyeni wakhe okade washona. Bese bekwazi nokuthi benze yonke imisebenzi ehambisana nokuhamba komnumzane. Umehluko ukuthi ngeke bakwenze bakuhlanganise nalowo owahanjelwa kuqala umyeni usengakwazi ukuthi enze okuqondene nomyeni wakhe emzini wabo njengomsebenzi wokumbuyisa. Ukuzila bazozila ngesikhathi esifanayo nomnakwabo bayikhumule ngesikhathi esifanayo futhi.

Lokhu akuzihlanganisi izingane, uma kwenzekile oyedwa womakoti washonelwa ingane akazili yena umama wazo ozilayo into esuke ibahlanganisa kakhulu abayeni babo.

English Summary
In a Zulu culture the birth of twins is considered as a blessing and luck. Twins are treated differently from other children. In this article we are looking at what happens when one dies at a stage when they are married. During this period the wife does not sit on the mattress as it is custom as part of the mourning period and she is not allowed to cry of her dead husband because there is a belief that this will affect another twin. Also the wearing mourning clothes is not allowed for the wife even to slaughter customary animals is prohibited even after a year of passing where the slaughtering of an ox is customary to do.

Only when the second twin passes away that all these customary ceremonies will be performed. Both women are expected to mourn over their dead husband and it is only then that the first twin’s wife will be able to cry over her long dead husband and she will also be allowed to wear mourning clothes. After the mourning period she can also perform customary ceremonies associated with death.

The ceremony of taking off mourning clothes should be done on the same date as twins are considered as an individual according to the Zulu custom.

By: Nqobile Mdabe

1 thought on “Okwenziwa Uma Kushone Iwele Eselikhulile”

  1. Ingaba kwenziwa kanjani uma kushone iwele uma enobulili obungafani? (Male and female twins)

    Reply

Leave a Comment