Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo

Ngokwesiko lakwaZulu ingane etholelwe ekhaya abazali bayo bengagcagcile kumele ifakwe esibongweni sakubo ngokusemthethweni. Ngosuku lomgcagco kanina noyise, komalume wengane kuhlatshwa imbuzi kuthathwe inyongo yayo ichelwe ngayo, kushiswe impepho emsamo kubikwe emadlozini ukuthi ingane isiyaphuma isiya kubo kwayo. Ingane iphiwa izipho bese kuthathwa uhlangothi lwembuzi kuhanjwe nalo kuyiwe kubo kayise wengane. Abakubo kwengane bayihlangabeza esangweni nabo … Read more

Umungcwi Nesidalwa Esibi

UBaba Nyambose ohlala endaweni yaseNanda, owazalelwa endaweni yaseMkhomazi wafika eThekwini ngokusebenza. UBaba usixoxela ngomehluko phakathi komungcwi owenziwa ngabantu noma abathakathi kanye nesidalwa esimbi emndenini uma kwenziwa umsebenzi. Umungcwi owenziwa ngabathakathi ubizwa ngokuthi ikhubalo. Ikhubalo umthakathi uyalenza ngomuthi ukuthi limsebenzele ukuthi lihluphe omakhelwane angazwani nabo. Ikhubalo liwumoya omubi ufika ebusuku nasenganeni esancane. Uma kukhona ingane ekhaya … Read more

Umehluko Phakathi Kwesiko Nomkhuba

Ngibe nengxoxo no Mama Zandile Mthethwa, umama usixoxela ukuthi uyini umehluko phakathi kwesiko nomkhuba owenziwa abantu. Kubantu abamnyama lemikhuba seyigcine yaphenduka yaba ngamasiko futhi yenziwa iwona wonke umuntu. Umkhuba into esuke iqalwe ngumuntu oyedwa bese bonke abantu endaweni bayithande bese beyilandela kugcine sekuthiwa yisiko. Nazi izibonelo: Kukhona lokhu okokuthi uma ngabe umuntu eseshonile, eseyobekwa endlini … Read more

Ukuzila komuntu wesifazane uma esesikhathini sobudala

Kuqala uma ukhula uyintombazane wawuhlonipha kakhulu futhi umuntu owayevamise ukuthi abe seduze kwakho kwakuvamise ukuthi kube ngumuntu ongumzali wakho, umama. Noma ngabe ngumuphi umuntu wesifazane esemdala wayevamise ukuthi uma wenze iphutha kube nguye okutshela iziyalo. Aphinde akubonise ngokwempilo nangokuziphatha kanye nokuhlonipha usiko. Uma uyintombazane ekhaya uvamise ukuthi kube khona izinto otshelwa zona ngumuntu omdala egcekeni. … Read more

Ukusetshenziswa Kwamafutha Enhlwathi Ngabantu

Ziningi izinto ezisetshenziswa ekhaya uma kunomuntu ongaphilanga ekungaba izitshalo, imfuyo, izilwane zasendle njalonjalo. Abantu ulwazi lokusetshenziswa kwalezinto bacobelelana ngalo emindenini yabo kodwa olunye lwaziwa yilabo abangabelaphi bendabuko, izangoma nezinyanga. Lapha sikhuluma noma sibheka indaba kamama othi wazibonela lenyoka ikhishwa amafutha ayo nokusetshenziswa kwamafutha enyoka inhlwathi. Kuthiwa ukubona lenyoka kuyinhlanhla enkulu. Lenyoka akujwayelekile ukuthi ihambe yodwa … Read more

Ukusetshenziswa Komsamo

Umsamo yindawo ebalulekile kakhulu futhi esetshenziswa abantu abakholelwa emadlozini njengendawo lapho bexhumana khona nawo ngezikhathi ezahlukene futhi nangezinto ezahlukene ezenzekayo ezimpilweni zabo ngalesosikhathi. Umsamo uyimvelaphi yethu thina bantu abansundu. Ngoba nokhokho bethu babenawo umsamu. Ezindaweni ezisemakhaya kubalulekile ukuthi lendlu ibekhona lapho kushiswa khona impepho. Lendlu yakhiwa ibe iqhugwane (iqhugwane indlu karawondi). Ngibe sengikhuluma noBaba uFanele … Read more