Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo

Ngokwesiko lakwaZulu ingane etholelwe ekhaya abazali bayo bengagcagcile kumele ifakwe esibongweni sakubo ngokusemthethweni. Ngosuku lomgcagco kanina noyise, komalume wengane kuhlatshwa imbuzi kuthathwe inyongo yayo ichelwe ngayo, kushiswe impepho emsamo kubikwe emadlozini ukuthi ingane isiyaphuma isiya kubo kwayo.

Ingane iphiwa izipho bese kuthathwa uhlangothi lwembuzi kuhanjwe nalo kuyiwe kubo kayise wengane. Abakubo kwengane bayihlangabeza esangweni nabo bephethe imbuzi abazobika ngayo ingane emadlozini ukuthi awamukele umntwana esibongweni sayo. Oyise bayayiqhuba, kusukwa esangweni kungenwe ngaphakathi endlini, kuhlatshwe imbuzi ichelwe ngenyongo ezinyaweni kubikelwe amadlozi ngomntwana ukuthi bamsingathe. Abakomalume wengane bashiya uhlangothi lwembuzi abafike nalo bese bethatha abalunikwe kubo kwengane. Ingane iyathathwa ingeniswe endlini kaninakhulu yilapho izotshelwa khona ukuthi isingakhululeka kukwabo lapha. Kudliwa inyama kuphuzwe utshwala besiZulu. Ingane isingeyaleso sibongo ngokusemthethweni.

Uma abazali bengane bengcina bengagcagcanga kodwa uyise wengane efuna ingane ibize isibongo sakhe, kuyaxoxiswana ngendlela okumele akhokhe ngayo, kuyaba izinkomo noma imali, kuyangomndeni ukuthi ufuna kuphi. Uma esekhokhile usengamthatha umntwana amubize ngesibongo sakhe.

By: Bongiwe Ndlovu

Source: Ilanga LangeSonto. 20 February 2011

Ukuhlanganiswa Kwengane Ezalelwe Ekhaya Esibongweni Soninalume
Kulendaba sibheka ukuthi izingane ezizalelwe ekhaya kufanele zibize siphi isibongo, ukuhlanganiswa kwazo namadlozi akomalume bayo kanye nokubaluleka kokwenza lelisiko. Kuyenzeka ukuthi umama uzele ekhaya ezala ingane zingakhokhelwa. Ngokwakuqala kwakungavamisile ukuthi intombi izalele ekhaya, yayigana ishade ngaphambi kokuthola abantwana. Uma kwenzekile intombi yazalela ekhaya kwakuhlawulwa ngezinto ezibizwe abasekhweni.

Kuyenzeka abasemzini noma kubo kwengane bangakhokhi. Uthole ukuthi kubo kwengane abazange balethe ngisho imbuzi yokugeza umuzi. Kodwa ingane ifuna amasiko akubo. Ingane kanti izolokhu ihlupha ifuna ukwenzelwa amasiko akubo. Izingane ezivamise ukuthi zigule kakhulu yilezi emakubo ezenzelwa amagobongo. Izingane ezivamise ukwenzelwa amasiko anjalo zivamise ukuhlupha kakhulu ngoba ngaso sonke isikhathi zifuna izinto zakubo. Noma umuntu esemdala alokhu egula efuna ukwenzelwa izinto zakubo.

Ubaba wekhaya kwakumele athathe imbuzi abize bonke abazukulu bakhe ahlala nabo nabangakhokhelwanga noma abangahlawulwanga. Ashise impepho akhulume namadlozi ukuthi awahlanganisa izingane nabomndeni. Zonke ahlala nazo kulomuzi acele ukuzihlanganisa namadlozi aphinde azivikele asho ukuthi usezifaka kulesisibongo sekhaya ukuze zingaphinde zigule. Ngoba vele azizange zikhokhelwe emakubo ukuthi zikwazi ukwenza izinto zasemakubo.

Uma kwenziwe lokhu izingane azisaba zisagula noma kuthiwe zikhalela izinto zasemakubo noma kuthiwe zibangwa amadlozi, ngoba phela sezibiza isibongo sakonina ngokusemthwethweni. Noma kungasenziwanga imbuzi, uma ingane ibangwa izidalwa kucelwa ekhaya umuntu omdala okunguyena oshisa impepho ukuthi ahlanganise ingane namadlozi noma yingenkukhu.
Ngoba lento iyafana nalento yokuthi umuntu ahambise ingane kubo kwayo ukuthi bayibone bathi ingane bona bayayikhunga bese bethi bayikhunge ngembuzi. Lokhu akusilo iqiniso ingane ayifakwa isiphandla uma ingakhokhelangwa inhlawulo. Lokho kwenza ingane ukuthi igule kakhulu futhi kudala ngisho ulaka lamadlozi. Ingane isizolokhu igula kuthiwa ibangwa amadlozi ngoba amadlozi akoninalume awayazi ukuthi eyakwabani njengoba isifike yafaka isiphandla kungakhokhwanga lutho.

Ngisho unina wengane ezohamba eyobabonisa ingane kumele bamshisele impepho yokuthi uyahamba nengane iyakubo ukuyobonwa futhi uzothi ukuhlala khona izinsukwana. Lokho kuyasiza ngoba kusuke kwenzelwa ukuthi bahambe kahle nengane ingabi nenkinga phambili.

Izinto ezinjena ziyasiza ukuthi abantu bazi ngazo ngoba kubuhlungu ukuthi umuntu agulelwe ingane kuthiwa ifuna amasiko akubo. Kanti uma izingane bezibika esibongweni sakoninalume akubi nalutho ngoba vele zisuke zibiza isibongo sakhona. Ngisho kwenziwa izinto zakhona azibinankinga.

English Summary
Traditional beliefs state that it is important to introduce a newborn to the ancestors, be it the maternal side or the paternal side of the family. Here we look at a child that is born out of wedlock and the father did not take the responsibility of paying for the damages to the girl’s family. And the child is suffering because he didn’t undergo his paternal customs. This causes the child to be sick because there is a belief that both ancestors are claiming to own him. In a situation like this it is said that the father of the girl should slaughter a goat and introduce all grandchildren that are in the same situation in his household to the ancestors and ask for the protection of the children as they now belong to the family. These children should then use their mother’s surname freely. They are also going to participate in all of the family customs because they are part of the family.

By: Nqobile Mdabe

Source: Mary Matenga of Congo, Inanda

3 thoughts on “Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo”

  1. Mna ndi zala Uma no Tata wam bengatshatanga, kwathi ngenxa yokuba bengaphili abantwana abaphambi kwam ndathathwa ndilusana ngu mama ondizalayo wandisa kwa ninakazi wakhe ndakhula khona apho ndade ndamdala. Ndenzelwa imbeleko yakulo Tata akwabikho mehluko suka kakubi kuna kuqala. Nam ndazama unyana ndinfatshatanga.

    Reply
  2. Sanibona
    Ngicela ukubuza ukuthi umangabe ekhaya lisalisha bengangenisiwe abadala akubi Nankinga yini uma ingane uyikhipha khona koMalume isiyakubo ngokosiko isiyobiza isibongo sakubo

    Reply

Leave a Comment