Ukhokho wami wayeyintombi yakwaMhlongo, washadela kwaMajola wathola intokazi ezala umama wami, uAsanda Majola. U-Asanda washadela kwaZaca eshada no-Albert Zaca owayezalwa uSiliya Latha. Babe namadodakazi amabili nendodana eyodwa.
Ubaba ka mama wathola amadodakazi amane nendodana eyodwa. Indodakazi yabo yokuqala uTholakele, eyesibili uThokozani ozala mina, eyesithathu uThandazile owashadela kwaMkhize eyokugcina uZanele owashadela kwaGumede bese kuba uJabulani okuyindodana yabo.
UThokozani wahlangana noNorman Bhekithemba Dubazane bathola amadodana amane nendodakazi eyodwa. Indodakazi yabo bayiqamba ngo S’lungile Aurelia, amadodana abo, eyokuqala uSibusiso Benedictus, eyesibili uCollen Sbonakaliso, eyesithathu u-Andile Christian kugcine mina uSipho. Ngokuzalwa zonke izingane zabo zizalelwe zakhulela eMbumbulu esigodini sasetholeni. Zonke zifunde ezikoleni zaseMbumbulu ngaphandle kuka Andile owafunda eLamontville.
UMama wami wazalwa ngo1955 December 12. Umkhulu wami wayesebenza emaphoyiseni, futhi umkhulu wayethanda ukusebenza kakhulu ezilimela emasimini, wayevusa izingane zakhe ekuseni ngo 2:00 athi abahambe bayohlakula, abanye bayo kosenga izinkomo abanye baye kolungisa amajoka. Babesebenza njalo ekuseni ngaphambi kokuba baye esikoleni. Noma sebebuya esikoleni babenza umsebenzi wasekhaya.
Kuthiwa umkhulu wayeshaya kakhulu uma benza intando yabo njengokuma nabafana noma bebuye sekudlule isikhathi. Futhi kuthiwa kwakungafanele umuntu edlulwe yisikhathi sokuvuka wayengamshayi ekuseni wayemlinda aze abuye esikoleni bese emjezisa. Nogogo naye kuthiwa wayesithela isibhaxu kumuntu owayengezwa.
Ugogo wayeluka amacansi nokutshala wayekuthanda nakho. Kuthiwa babebayala ukuthi akungoba bengabathandi njengoba bebajezisa, kodwa bafuna ukuthi nabo uma sebenemizi yabo bakwazi ukuyiphatha ngendlela eqotho.
Izithakazelo Zakwa Zaca
Zaca,
Msolwa,
Msenti,
Mkhethaphela emasini,
Shitsholo,
Hloniphile,
Vumile.
English Summary
My great grandmother was MaMhlongo and was married into the Majola family. She gave birth to Asanda who is my grandmother. Asanda got married to Albert Zaca son of Siliya Latha. Siliya also had two daughters. My mother’s father had four daughters and one son. Their names are Tholakele, Thokozani (my mother), Thandazile who is married into the Mkhize family, Zanele who is married into the Gumede family and Jabulani.
Thokozani met Norman Bhekithemba Dubazane and they have four sons and one daughter. Their names are Slungile Aurelia, Sibusiso Benedictus, Colleen Sbonakaliso, Andile Christian and Sipho. They live in Mbumbulu. My mother was born in 1955 and her parents were very strict. Her father loved to plough and they woke up every morning at 2 am to do house chores and help in the garden, even after school they had to participate in the house chores. Their father punished them if they had done something wrong. They mother liked to make grass mats and she also punished them when they had done something wrong.