Izithakazelo zabo
Shandu kaNdaba!
Mageba!
Wena kaSontshikazi.
Owavimba ngezinkomo, abafokazana bevimba ngezihlahla.
Magwaz’ ephindelela njengezulu.
Shandu kangakanani
Ngoba nasentendeni yesandla uyenela
Ndabezitha!
Manyosi kaDlekezele
Owaqed’ intondolo yembuzi kusa
Nina baseMaMbatheni
Enabamb’ inyamazan’ engabambekiyo.
Nina bakaGubuzel’ umuntu ngehhemu lakhe
Nina besikhumba senkom’ enkulu
Esabuya noMqubula KwaZulu
Mgidi kaNkombana
Mbeje!
Dladla!
Umlando
Abantu baKwaMbatha baphuma esibongweni saKwaZulu, endlini encane kaMageba kaZulu noMalandela. Kulendlu uMageba uzale uMpangazitha, ozale uNdaba ozale uShandu, uMbeje noDladla.
UShandu wayengomncane kunoMbeje emadodaneni kaNdaba, ngokuthi nguye obezalwa endlunkulu, nguye othathe isihlalo sobukhosi emuva kukayise. UShandu abantu bakhe bebemkhonzile, eyisilomo njengoyise uNdaba nokhokho wakhe uMpangazitha. Umkhulu wakhe, uSontshikazi, ngathi ubengesona isilomo kangako ngoba bebengamphathi kakhulu uma bekhulekela amakhosi abo. AbakwaShandu bebekhulekela kuye bethi Shandu kaNdaba kaZitha. Lokhu kuveza ukuthi bebemeqa uSontshikazi. Ngenxa yokuthi ulimi lwesiNguni luthanda ukweqa nokulumbanisa amagama, laba bantu bagcine sebethi kuShandu Ndabezitha, besusela ekutheni Ndaba kaZitha, kwavela isithakazelo esithi Ndabezitha, kubantu bakwaShandu.
Bebakhelene nabantu bakwaButhelezi, namanje kusenjalo. Ngaphesheya kwabo kwakhe abahlobo babo baKwaZulu abebebuswa nguJama kaNdaba ongumfowabo kaMpangazitha. UJama wakhe eBabanango ngaseMakhosini. Ezwa lesi sithakazelo samaMbatha esithi Ndabezitha, usithandile kwazise esabo besiyinhlamba bebizwa Lufenulwenja. UJama uthumele kuShandu ukuyociba insema ngombandela wokuthi oyoyiciba nguyena oseyobizwa ngoNdabezitha. UJama wayeyingwazi edumile, uShandu ubekwazi lokho wavuma.
UShandu ubemfushane, ehlakaniphile. Ubeqonda kahle ukuthi uJama ufuna ukwenzakalisa yena ukuze azithathele lesi sithakazelo uma esefile. Uvele waziphathela isiphuku sakhe sokulala ngosuku abebevumelene ngalo. Sebesenkundleni uJama uthe akucibe uShandu kuqala, waciba washweba. SekunguJama, okaNdaba umkhonto uvele wawukhomba kuShandu ngenhloso yokumenzakalisa. UShandu wembathe isiphuku sakhe umkhonto wabhajwa kusona. UJama uthe wenzani uShandu embatha isiphuku. Kusuka lapho waba nguMbatha, uJama waba nguNdabezitha. Abantu baKwaZulu nabebehlobene nabo njengabafowabo bakaJama okunguXhoko, uShonkweni nabanye, babe sebebizwa ngoNdabezitha. UShandu uzale uMbanjwa, uKhali, uMngunyana, uMbudlele, uMandlovu, uNkomo noMashiba. UMbanjwa nguye obeyinkosana obuse emuva kukaShandu. Kubuye kwasuka umbango emadodeni kaShandu kwaphetha ngokuthi kungenelele iNkosi yaKwaZulu, uSenzangakhona kaJama ofike wagudluza uMbanjwa esihlalweni wabeka umnawakhe, uKhali.
Ekukhothameni kukaKhali, kubuse inkosana uMancengeza ubukhosi obulahleke kuyena endlini encane kaNkomo kaShandu. UMancengeza ubalekele uShaka obeyinkosi yesizwe saKwaZulu. Ubaleke waze wahlangana noNgoza wakwaMhembu owayebalekela iLembe. Sibathola behla nezwe beyofika eningizimu nalo. Amanye amadodana kaShandu ahlalela kude esaba ukuthatha ubukhosi bamaMbatha. Ubukhosi buvuke endlini kaNkomo Shandu.
Inkosi uMpande isibusa KwaZulu, igcobe uHlakanyana kaMatshana kaNkomo kaShandu ukuba abe yiNkosi yamaMbatha. UHlakanyane ulandelwe yinkosana yakhe uDikane. Emuva kokudlula emhlabeni kukaDikane oNdini, nenkosana yakhe uSimukanaye, esihlalweni sobukhosi kubambe uNqodi kaDikane. UNqodi ubebambele uSicoco kaSimukanaye ngokuthi ubengumuntu obuthaka empilweni. UNqodi ubambe isikhathi eside kwaze kwaba kukhula uMhloluthini kaSicoco. INkosi uSolomon kaDinizulu iganwe ngamakhosazana amaningi kaNqodi. Phakathi kwawo nguKhulumile noMkhukhuza. UMhloluthini uqanjwe ngaleli gama ngoba abadala emaMbatheni uSicoco bebemubiza ngoMhlola ngenxa yempilo yakhe. USicoco utholelwe uzalo intombi athole inkosana eyothatha ubukhosi bakhe. Isizwe nozalo sababaza sithi lo mhlola onguSicoco uyozala uthini. Ngakho ke umntwana esezelwe waqanjwa igama elithi uMhloluthini.
OMbatha bangoMagwaz’ ephindelela
Uzalo lukaMashibha
UMashibha uzale uNgwenya, ozale uDlekezele, ozale uManyosi noMazibukwana. UManyosi yena wazala uMcetshwa, uNgqokwana, uMbandama, uSobohla, uMelelesi, uMaphashana nabanye. UMelelesi uzale uYena, uNakuyise, uPhathuyise, uLinduyise noGezunina. Kwathi uYena wazala uMawana noSikwata. UMawana uzale uMlandu.
Umuzi waKwaSindabengazi
UMazibukwana kaDlekezela uzale uGobanhlamvu, uNtshingwayo noMveli.
Indlu YaseNdokozane (Indlu yobukhosi yozalo lukaMashibha)
UManyosi uzale uMaphashana, ozale uMbopha, ozale uGogo yena ozale uMathambo ozala iNkosi uMadubula.
OlukaNkomo kaShandu
UNkomo uzale uMatshana, ozale uHlakanyana, ozale uDikane noLukhwabithi. UDikane uzale uSimukanaye, uNqodi, uSikwata, uNsishwana, uMgwaqo noNdlebezomlilo. UNqodi wazala uKhulumile noMakhukhuza (amakhosikazi eSilo uSolomon), uMahlukwana, uPholela, uPhakathikwempi, uDlangezwa, uMlengeza, uMfanawelanga, noBulawayo.
UPholela uzale uSlehe. UDlangezwa wazala uZeblon (uManjanja). UMgwaqo wazala uSibunja, uJohannes (uSinuzi), uJosias, uNonkeneza noNkomfana. USibunja uzale uMasowini, uMpisendlini, uKhakhayi, uMashodi, uGenqe, uMambawu (uNkosinathi), uMdufu, Ntozane noBashikile.
Indlu ebusayo (KwaVezunyawo)
UDikane uzale uSimukanaye, ozale uSicoco, yena wazala uMhloluthini, ozale uBizokwakhe uGilbert noMathendelana. Ubizokwakhe uzale iNkosi uSizwesithini, uNqobizwe noLucky Mbatha. ULukhwabithi kaHlakanyana uzale uNhliziyo, ozale uMakhubalo.
Ezinye izibongo eziphume kwaMbatha
Vezi
Kweyama
Nsibalukhulu
Sithomo
Mbeje
Dladla
English Summary
This article outlines the history of Mbatha clan.
By: Mbusiswa Jerry Zuma
Reference: Ilanga Newspaper, Ngisho Wethu. June 9-11 2014
Udukisa abantu, ayikho lento oyibhale la mayelana nendlu ebusayo yaKwaVezunyayo
Sawubona Sandile, uma kuwukuthi unolunye ulwazi onalo, singajabulela ukuzwa ngalo. Yileyo yodwa indlela yokuthi sibe nolwazi oluyilona, uma sonke sinikela ngolwazi lwethu. Uma ungathanda ukwenza njalo, ungasibhalela ku ulwaziprogramme@gmail.com, noma ungabhala lapha ngezansi, noma usibhalele lapha: https://www.ulwaziprogramme.org/contribute/. Siyabonga.
Ulwazi Programme
Ngicela ukwazi ukuthi uSithomo uphuma kanjani kwaMbatha
Ubaba uGideon ozalwa ngu Mgxijwa ozalwa ngu Misraim UNgimbeyane kaPhefeni wayeye athi siphuma kuNqodi kaDikana. Wathi futhi sivela kuMalandela uQwabe wathi enye yamadodana kaMalandela. Ake nicacise.
eyi umlando ngenye into ,kumnandi ukuzazi uma ungumuntu,khulani sizwe simnyama nande njalo kusho mina ellen zwane
Mina ngiwuzalo luka Skwata ka Dikane ka Hlakanyana. USkwata uzale uMagobongo, uNkini nabanye. Uthunjana ka Nkini uLapeta (uBafanabonke). UBafanabonke uzale uBhekuyise (Bheki), uSphamandla, uSiyabonga noNozipho