Izindlela Zesintu Ezisetshenziswa Abantu Ukuqinisa Uthando

Esithenjini
KwaZulu bekuyinto eyaziwayo ukuthi uma indoda yesigodi kuyindoda esuthayo, omacaphuna kusale, wayekwazi ukuthatha isithembu sabafazi ababili noma babe bathathu kuya ngamandla endoda. Kodwa lokhu kusukela emandulo lapho umama wekhaya, ubesethi uma esebona engasenawo amandla okondla kahle nokunakekela ubaba wekhaya ngenxa yokuhamba kweminyaka. Akhulume nobaba wekhaya echaze isimo sakhe bese ethi, umnika igunya lokuthi angamthola umakotshana ozomela isikhundla sakhe esikhathini sakhe sokuguga, lapho umakotshana uzonakekela lowomama ongumakoti omdala bese enakekele nomkhwenyana lona osemthathile wamfaka esithenjini.

Ngokuhamba kwesikhathi abantu bagcine into yesithembu sebeyishintsha sebengathathi umakotshana ngoba kunesizathu esinqala nokuvumelana okugcwele phakathi kwabashadikazi. Bekuthi uma indoda inengane ngaphandle futhi izwa ukuthi isamthanda umakoti wayo kanti nalona enengane naye iyamthanda, bese ivele imazisa umakoti omdala ukuthi izomtholela umnakwabo abazohlalisana naye bakhe umuzi wakubo. Lendlela entsha yokwenza isithembu ize nezinkinga ngoba abantu besifazane banesikhwele. Isikhwele besisuswa izinto ezincane njengokuthi indoda ihlala kakhulu kumakoti omncane kunalona omdala. Lokhu phela bekudalwa ukuthi omakoti bakhelwa egcekeni elilodwa kodwa izindlu zihlukaniswe.

Uma unkosikazi omdala ekubona lokho, ngenxa yokuthi bebehlonipha umkhwenyana, bebengeke bathi vu kuyena, lapho sekosuka impi phakathi komakoti, lona omdala uzohlanganisa amakhathakhatha noma imithi ezokwenza lona omncane angathandeki kumkhwenyana noma uzothi lona omncane uma ethola ingane, leyongane ibe nento ethize ewukugula okungalapheki okufakwe yilona omdala.
Umkhwenyana yena ukuze enze omakoti bakhe bahlalisane kahle ngaphandle kodlame, uyabahambela aye enyangeni (umelaphi wendabuko) ayobika udaba lwakhe bese inyanga imakhela umuthi wokuthi omakoti bakhe bakwazi ukuhlalelana ndawonye bazwane. Indlela abaye bazwane ngayo ungaze ufunge ukuthi izingane zandawonye. Kodwa lomuthi udinga ukuvuselelwa njalo emva kwesikhathi esithize ukuze ungaphuphi.

Ezithandanani ezisencane
Abantu abasha bona ikakhulukazi abantu besimame bayawuthanda umuthi wokudlisa laba abathandana nabo. Basuke befuna indoda ingabashiyi noma befuna ukwenza kahle imikhuba yabo yokuganga bebe benaye lomuntu abasamthanda noma abathi bayamthanda. Into esuke ibe yimbi ngalemithi ukuthi ngalenkathi edliswa lomuntu wesilisa, lona wesifazane uvele angabe esayibona lento ebikade imthatha kulona wesilisa athandana naye bese esembona avele abone isicefe noma loluthando abakade bethandana ngalo lube seluyehla lushabalale. Lomuthi uma uke waphela nawo, insizwa lena iyaye iqale ingasayithandi intombi leyo noma iyaliswe ngenxa yokuthi umuthi usuphelelwe amandla awo okuthi lensizwa ihlale ithanda lentombi.

Abaningi engikhulume nabo uma ubuza indaba yedliso, bathi wena muntu odlisiwe awuboni ukuthi udlisiwe. Kuthiwa uma abakini noma abasondelene nawe bekutshela ukuthi udlisiwe, ugijima uye entombini leyo uyobabika ukuthi bathi ikudlisile. Lapho wena konke lokho ukubona kuyinto ekumele uyenze ukwazisa intombi yakho. Imvamisa lawomantombazane ayabahlukumeza labobantu ababadlisile badlale ngabo ngoba bazi ukuthi angeke babone futhi babashiye. Kuthiwa indlela yokunqamula lelogoda eliyifindo, ukuba uthole umuthi wokuphalaza, ozogeza lelodliso ulikhuculule liphele emzimbeni. Namafutha engwenya elinye lamakhambi elishaya likhoculule konke okulidliso ngaphakathi usale umsulwa.

English Summary
Love potions are still very popular in the black community. It can be used by men and women but in most cases men will deny using it and blame women for it. Even in the olden days this was used to build houses by both partners. It is important to mention that when one partner uses love portion it is kept a secret to the other. It is believed that men who are in polygamous relationships uses traditional medicine to calm his wives down so that they can get along. Those who don’t use umuthi its found that the wives hates each other. And also in relationships in general it can also be used but in most cases these couples don’t last and a woman who is believed to have used umuthi is the one who breaks up with the man. Family may try to help but in most cases they lose because the man will tell his girlfriend what they are saying which may lead to a conflict. The only thing that can help to cleanse that person is to consult a traditional healer.

By: Mbusiswa “Jerry” Zuma

1 thought on “Izindlela Zesintu Ezisetshenziswa Abantu Ukuqinisa Uthando”

Leave a Comment