Ukusetshenziswa Kwesihlahla uRosilina (Rosemary)

Isihlahla uRozilina (Rosemary) esikhathini sakudala sasitshalwa emapulazini nasezindaweni zabelungu. Lesihlahla sisetshenziswa kakhulu ngabelaphi bendabuko okuyizangoma nezinyanga. Lesihlahla senza umuthi wenhlanhla uma sesithakwe neminye imithi. Loluhlobo alutholakali kakhulu ezindaweni ezihlala abantu abamnyama.

Okubalulekile ngalomuthi ukuthi abantu abawusebenzisayo akufanele beqe isithakko noma isikhathi esibekelwe ukusetshenziswa kwawo ngoba kuthi uma wenze lelophutha awube usakulethela izinhlanhla lezo obuzilindile kodwa uletha amabhadi. Kuthiwa ngezikhathi zakudala kwakungavumelekile ukuthi umuntu omnyama abonakale ephethe lomuthi noma izingxenye zawo, wayeboshwa uma ebanjiwe. Kuthiwa abantu ababesebenza emapulazini ababevamise ukubanjwa nawo ngoba bewazi ukuthi usebenza kanjani.

Read more …

Leave a Comment