Izitshalo Ezidliwa Abantu

Isithelo sikakwatapeya (avocado fruit)
Kunezitshalo ezitshalwayo emakhaya ezidliwayo, ezinye zalezizitshalo ziyashesha ukuthela kanti ezinye ziyephuza. Kunendlela esetshenziswayo uma zitshalwa ukuze zikhule kahle futhi zisheshe zithele. Lapha sizobheka isitshalo esaziwa ngokuthi ukwatapeya noma ukotapeya.

Ukwatapeya isitshalo esitshalwa kanye kuphela, lesisihlahla sihlala iminyaka silokhu sithela size sinqanyulwe uma sesingasadingwa umnikazi waso. Isihlahla sikakwatapeya uma sitshalwa kugqunyiswa inhlamvu ephuma esithelweni ngaphakathi ize ihlume ibe isithombo, lesosithombo yisonake esizotshalwa ukuze sikhule sibe isihlahla esikhulu. Ukwatapeya uqala ukuthela ehlobo kodwa uze udliwe sekungene ubusika. Kuthatha isikhashana sewuthelile ukuthi ulungele ukudliwa.

Kunezinkolelo ezihlanganiswa nesihlahla sikakotapeya njengeyokuthi uma utshale isihlahla sikakwatapeya kufanele ushayelele isipikili ukuze ubaba wekhaya angasheshi ukushona kanti abanye bakholelwa ukuthi uma ushayelela isipikili noma imali emhlophe lokho kwenza ukuthi usheshe uthele. Isihlahla sikakwatapeya siwadla kakhulu amanzi ingakho kuye kudingeke ukuthi ezinye izitshalo zingabi seduze kakhulu naso ngoba zigcina zikhubazeka ngenxa yokungatholi kahle amanzi anele, kanti futhi izimpande zaso ziyasabalala okwenza umhlabathi uqine futhi uqhekezeke.

Isihlahla sikakwatapeya sithela izithelo eziyizigaxa, lezozigaxa izona ezidliwayo kodwa kudingeka zigqunyiswe ukuze zithambe futhi siqala ukuthela ngesikhathi sokuphela kwehlobo kuze kungene ubusika, ebusika usuke usudliwa buze buyogamanxa. Ukwatapeya uvuthwa kabili, okokuqala ukuthi uvuthwe usesesihlahleni ubonakale ukuthi usungadleka, okwesibili ukuthi ugqunyiswe ukuze uthambe ngoba awudliwa usaqinile. Izigaxa zawo ziyahluka ngemibala kanjalo nezihlahla zakhona. Kokunye kuyenzeka ungabimnandi, lokho kusuke kudalwa ukuthi indawo otshalwe kuyo ayihambisani nawo.

Ukwatapeya uyadliwa nesinkwa okanye nophuthu, abanye benza ngawo isaladi bawudle nokudla. Uyisithelo esithela kakhulu ingakho nje kubalulekile ukuthi ubaphe nomakhelwane ngoba usuke umningi ukuze bangawuntshontshi ngoba uma untshontshiwe uyaduba ungabe usathela kahle. Miningi imizi esitshale ukwatapeya esikhathini samanje nakuba kungekho owaziyo ukuthi waqhamukaphi kodwa wandiswa ukuthi abantu batshala inhlamvu yawo.

By: Zanele Shange

Leave a Comment