Ukuklekla
Ukwedlula kosiko lembeleko yomntwana kukhonga ukufika kwamabanga ekukhuleni kwakhe. Ukukhula komntwana kusho ukukhula ngokomzimba nokukhula ngokwengqondo. Ukulalela iziyalo zabadala ngesinye sezimiso ezingenakugudluka kalula noma ngabe izimo zokuphila kwabantu sezigudluke kangakanani. Ukuhamba ngeziyalo zabadala kuhlumelelisa ulwazi lomntwana ngezimiso zomphakathi umntwana akhula kuwona. Ukuklekla ukusika noma ukuqhambusa izindlebe. Izingane esezisezingeni lokungena esigabeni sokuthomba zenzelwa lolusiko. Kwakukholelwa ekutheni … Read more