Imigidi YamaNazaretha

Inkonzo yamaNazaretha iyinkonzo ebheke kakhulu emasikweni esintu kanye nasemilandweni yezikhathi zenkosi uShaka. Lenkonzo ixube izinhlanga ezahlukahlukene okungamaZulu, amaXhosa, abeSuthu kanye nabanye kodwa uma sebehlangene enkonzweni angeke ubone ukuthi bahlukene ngokwamasiko abo. Enkonzweni yamaNazaretha kunemigidi emihle eyenziwayo ikakhulukazi uma kunezingqungquthela ezinkulu eziba njalo ngenyanga. Umgidi wamaNazaretha uhambisana nemvunulo yakhona. Labo abasuke beya emgidini bayahloba ngemvunulo yabo eyakhelwe wona umgidi. Imvunulo yabo ihlukahlukene ngoba amakhosazane anemvunulo yawo, omama banemvunulo yabo kanye namakhosana nawo anemvunulo yawo.

Umgidi ubaluleke kakhulu ebandleni lamaNazaretha ngenxa yobumnandi bawo nangendlela ogidwa ngayo kanti futhi uhambisana namaculo, izigubhu, amacilongo, izimbungu, uphondo, imfiliji kanye namapulangwe anezezela ekushayeni izandla. Into nje eyenza umsindo omnandi futhi ihambisane kahle namaculo leyonto iyasetshenziswa ebandleni uma kugidwa. Uma kuyogidwa kunendawo eyisigcawu okuyiyona eyabekelwa imigidi kanti futhi ihlukanisiwe lendawo, kuba eyamakhosazane, eyamakhosana neyomama.

Amakhosazane avunula ngezinhlobo ezimbili okuyimvunulo yesiLungu kanye nemvunulo yesintu bese kuthi imvunulo yesintu ihlukene kabili. Izintombi ezisencane ezisanda kuthomba zivunula ngotubhane, bese kuthi labo asebekhulile bavunule isidwaba. Njalo uma izintombi zikade ziphuma enkatheni ziqale zigide ngemvunulo yesilungu kanti futhi izona ezingenisa imigidi. Uma sezigidile ngayoyonke imvunulo yesilungu bese kulandela eyesintu lapho kusuke sekugida wonke umuntu. Izintombi zinenyanga yazo okunguMandulo. uMandulo inyanga okwakhothama ngayo inkosi uIsaiya Shembe mhla zingamashumi amabili nesihlanu. Izintombi ziyahamba ziye ezibukweni ngakusasa zibuye sezigqoke imijafethe yazo.

Omama bona bavunula imvunulo efanayo kodwa kumele kube omama abaphelele, abashadile bacolwa ngenyongo. Obaba nabo bavunula ngemvunulo ehlukene kabili, imvunulo yesintu kanye nesikotshi. Isikotshi sakhiwe ngendwangu enhle eyisikotshi kanti ezinye iziketi ezimnyama zihambisana namahembe amhlophe anensephe emhlophe kanye nobhothayi abaluhlaza nezigqoko ezimhlophe.
Kuyenzeka uma kugidwa kubekhona nabathwebuli abasuke bezothwebula umgidi ukuze bawufake emakhasethini ukwazi nokuthi uwubuke ekhaya ngoba kokunye kuba nzima ukubukela umgidi ngendlela okusuke kugcwele ngayo ikakhulukazi emgidini wesikotshi. Umgidi usuke kuseyiyona futhi indlela yokudumisa uNkulunkulu nokumbonga ngokuphilisa abantu bakhe.

Written By: Zanele Shange

Leave a Comment