Izinkonzo Zesikhumbuzo Zabaholi BamaNazaretha

Ibandla lamaNazaretha liyinkolo yabantu bendabuko ehlanganisa ubuKhrestu nezinkolelo zendabuko ezavela kuMphrofethi uIsaiah Shembe okunguyena umqali webandla lamaNazaretha. Mhlazane inkosi yamaNazaretha uMphrofethi uIsaiah Shembe ekhotheme kwase kuhlala inkosi iLanga, ngosuku okwakhothama ngalo uMqali wendlela lwabe seluba usuku lwesikhumbuzo okuthi njalo uma kungumhla ziyishumi nesishiyagalolunye kuZibandlela (19 December) kulindwe ebandleni, bese kuba nenkonzo yokulinda kanye nokukhumbuzana ngemisebenzi emihle eyayenziwa uMqaliwendlela. Isikhumbuzo siqala ngosuku olwandulela lolo okwakhothama ngalo inkosi yamaNazaretha.

Wonke amaNazaretha ahlangana emathempelini noma ekomkhulu lawo eKuphakameni lapho esuke ezoba khona nenkonzo eqala ngehora lesishiyagalolunye ebusuku kuze kuse. Kuleyonkonzo asuke efakaza ngobukhulu benkosi yamaNazaretha kanye nezimanga eyafike yazenza esizweni sikaPhunga noMageba. Abanye basuke bebika usizi abafika beluthwele emzini kaShembe, bebonga ngokusizakala abakuthola enkonzweni yakwaShembe.

Kuba nezihlabelelo ezihlatshelelwayo uma kuwusuku lwesikhumbuzo, lezizihlabelelo azihlatshelelwa noma inini ngoba amaNazaretha ayelila ngazo elilela ukushiywa inkosi okwenza kungabilula ukuzihlabelela noma yinini. Ngosuku lwesikhumbuzo akudliwa, kuyalindwa futhi kukhulekwe. Ekuseni ngakusasa kungena inkozo ngehora lesishiyagalolunye ize iphume ngehora leshumi nambili bese abantu bebuyela emakhaya badle.

Lezizinsuku zesikhumbuzo zanda ngenxa yokuthi sekubuye kwakhothama amanye amakhosi alandela uMqaliwendlela, okuyiLanga elakhothama mhla zimbili kuNhlaba, iNyangayezulu eyakhothama mhla zingamashumi amabili nanhlanu kuMandulo kanye noThingo lwenkosazane olukhothame ngoNdasa kophezulu. Lezizinsuku kuyenzeka zibakhohle abanye abantu ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi isikhumbuzo asiqondani nosuku lweSabatha ngoba kusuke kufanele bangabasi futhi bangasebenzi ngalo, kusuke kulindeleke ukuthi imisebenzi yabo bayiqale ngemuva kwehora leshumi nambili.

Kuqala isikhumbuzo sasithatha ilanga lonke kodwa kwabuye kwabonakala ukuthi asithathe isigamu sosuku ngenxa yokuthi abanye abantu babegcina sebehluleka ukuthi balinde, okudalwa izifo ezinjengoshukela kanye nezinye okwase kuholela ekutheni abantu baquleke uma bengadlile ilanga lonke.

Written by: Zanele Shange

1 thought on “Izinkonzo Zesikhumbuzo Zabaholi BamaNazaretha”

Leave a Comment