Izihlahla Zamakha Zasemandulo

Kudala kunezihlahla ezazuwusizo kubantu. Phela ezikhathini zakudala yayingaziwa indaba yokuthi kuyothengwa izinto zokugeza kanye namakha. Abantu babesebenzisa izinto zemvelo ukuphila njengokulima njalonjalo. Sibe nengxoxo noMama uQhamukephi Sibiya, usichazele ngezihlahla zemvelo ezazisetshenziswa kudala ukunukisa kahle ekhaya kanye nokuzinukisa kahle kubantu. Lezihlahla zisatholakala ezindaweni zasemakhaya kanye nezimbalwa zazo ziyatholakala eThekwini. Nazi ezimbalwa lapha ngezansi: Ubhubhu Isihlahla sobhubhu … Read more

Isihlambezo sabantu besifazane

Ziningi izinto abantu besifazane uma bekhulelwe noma sebezobeletha bazilandela okunye okuyizinkolelo okunye okuyimikhuba nje. Esikhathini sakudala nezibhedlela zingakabikhona abantu abadala babesebenzisa imithi yokwelapha yesintu ukusiza labo abagulayo. Umuntu wesifazane okhulelwe naye kwakubakhona imithi ayiphuziswayo ngezigaba zokukhulelwa kakhe. Isihlambezo umuthi wesintu ohlanganiswa umuntu wesifazane osemdala elungiselela ukuthi okhulelwe akwazi ukuthi uma esebeletha kungabinzima. Ezindaweni zasemakhaya abantu … Read more

Isihlahla sesigqiki somkhovu

Umnumzane uSimon Radebe owazalwa ngomhlaka 11 Novemba 1955 ohlala endaweni yaseNew Town eNanda ungubaba wezingane ezimbili kanye nomzukulu oyedwa. Uxoxe ngemisebenzi eyenziwa isihlahla esaziwa ngesigqiki somkhovu. Kuthiwa lesihlahla kufanele ubenencwadi esemthethweni yokuba naso kodwa kuyenzeka ukuthi abantu babenaso ngoba besifice endaweni sizimilele ezindaweni ezisemahlanzeni. Kuthiwa zihlukene izigaba ezimbili kodwa zenza umsebenzi owodwa. UMnumzane Radebe usebenza … Read more

Isihlahla Somgxamu

Isihlahla somgxamu siyisihlahla sendalo yalapha eNingizimu Afrika. Lesihlahla sihluma isithelo ekuthiwa ihluze, sithela ngesikhathi sasentwasahlobo. Umgxamu uthandwa kakhulu amacimbi. Lomuthi ubalulekile ezindaweni zabantu ngoba ubuye usetshenziselwe ukwelapha noma ukuzihlanza emzimbeni njengokuphalaza. Nasemfuyweni lomuthi uyasiza kakhulu ngoba amacimbi ayathokozelwa kakhulu yizinkukhu ngoba nabantu bayakwazi ukuwadla awabulali noma awanawo ubuthi obubulalayo. Ukwelapha Uma umuntu efuna ukusebenzisa isihlahla … Read more

Isihlahla Somdlebe

Ziningi izinkolelo ezikhona ngesihlahla somdlebe esitholakala ezwenikazi laseAfrika kuphela, eNingizimu Afrika lesihlahla sasitholakala endaweni yaseNgwavuma nasesifundazweni saseLimpopo. Lesi yisihlahla esesatshwa kakhulu ngoba bekwaziwa ukthi siyingxenye yezihlahla eziphila ngegazi labantu nelezilwane. Izinkolelo ngaso ngezokuthi amazimuzimu ayehlobene noma ayehlangene ngandlela thize nalesihlahla kanye nokuthi lesihlahla asizwani nobisi lomuntu osawumdlezane kangangoba kuthiwa siyavala uma kukhona umdlezana eduze kwaso. … Read more