Kudala kunezihlahla ezazuwusizo kubantu. Phela ezikhathini zakudala yayingaziwa indaba yokuthi kuyothengwa izinto zokugeza kanye namakha. Abantu babesebenzisa izinto zemvelo ukuphila njengokulima njalonjalo.
Sibe nengxoxo noMama uQhamukephi Sibiya, usichazele ngezihlahla zemvelo ezazisetshenziswa kudala ukunukisa kahle ekhaya kanye nokuzinukisa kahle kubantu. Lezihlahla zisatholakala ezindaweni zasemakhaya kanye nezimbalwa zazo ziyatholakala eThekwini. Nazi ezimbalwa lapha ngezansi:
Ubhubhu
Isihlahla sobhubhu sasivamise ukumila eduze nomfula noma emhosheni. Kudala bonke abantu babegezela emfuleni kuyothi uma abantu sebegeza bathathe ihlamvu noma iqabunga labhubhu balihlikihle esandleni kuphume igwebu bageze ngalo. Yisona esasisetshenziswa uma umuntu egeza ngoba ezikhathini zakudala insipho yayingekho.
Uqhubegwegwe
Uqhubegwegwe usetshenziswa ngokufana nobhubhu ngoba nawo umuntu wayesebenzisa ihlamvu noma iqabunga lawo ukugeza. Kodwa uqhubegwegwe unamakha amnandi asalelayo emzimbeni ngemuva kokugeza.
Umntulwa
Umntulwa isihlahla esasisetshenziselwa ukuhlanza amazinyo noma ukuxubha. Umuntu wayehlephula iqabunga lalesihlahla aligeze bese ehlikihla amazinyo ngalo.
Indangabane
Indangabane yisihlahla ekwakugeza ngaso amantombazane uma esengena ezingeni noma esigabeni sobuntombi. Sasisetshenziselwa ukuthi ukuthi umuntu angabi naso isidina futhi sisetshenziselwa nokukhipha isinyama sobungane. Uma intombazane isiqedile ukugeza ngalomuthi yayiyalwa ngokuthi akufanele idle inyama yenkukhu ngoba inkukhu ixoshwa yinoma ngubani futhi ihlezi ijahwa. Babenenkolelo yokuthi nentombazane uma idla lenyama kuzokwenzeka okufanayo kuyona ifunwe ngabafana ngapha nangapha. Kanye nenyama yengulube yayingayidli ngoba kuthiwa ingulube yesifazane uma isifuna eyisilisa izoya noma ngabe umfula ugcwele. Kanti intombazane kwakusatshelwa ukuthi uma ijwayela ukudla inyama yengulube igazi layo lizoshisa lifune umuntu wesilisa.
Ikhakhasi
Ikhakhasi yisihlahla esisetshenzisa uma kugaywa utshwala besintu. Utshwala bakho uzobugaya kuzothi ngenkathi sebubila ufake iqabunga ngaphezulu kotshwala. Lokhu kwenza ukuthi utshwala lube nephunga elihle. Ikhakhasi kuyisihlahla esinameva.
Insindwane
Insindwane yisihlahla esasisetshenziswa umuntu uma eseqedile ukugeza
Uunukisa kahle umzimba. Kwakuthathwa amaqabunga aso agaywe ahlanganiswe namanzi kuthi uma sekuhlangene kahle umuntu agcobe emzimbeni. Umuntu wayesisebenzisa ngoba ethanda lesihlahla.
English Summary
In the olden days people used leaves from indigenous trees as soaps, tooth cleaner, lotion etc. This article looks at some of those trees that were used.
By: Nqobile Mdabe