Izitsha Zesintu

Izitsha zokudla zesintu Ukudla kubantu bomdabu babekugcina ezitsheni ezahlukene futhi noma kuphakwa kuphakelwe ezitsheni ezifanele, lokho kudla okudliwayo ngaleso sikhathi. Zazisetshenziswa futhi ekutheni zibe izipho uma kwenziwa ubuhlobo phakathi kwemizi eshadelanayo noma kunombondo. Ekudleni kusukela kokwesipuni kuya kokuphuzwayo, izitsha zakhona azifani futhi nangendlela ezenziwa ngayo ayifani. Kuzo lezizitsha zokudla, kwakubuye kutshengiswe nekhono lokwenza into enhle … Read more

Izithelo zasendle

Abafana abelusayo bebengalitholi ithuba lokuthi belusile babuye bashiye izinkomo bahambe bayodla emakhaya. Babengavumelekile ukuthi bashiye izinkomo zodwa ngoba bezifohla emasimini abantu ngoba ezikhathini zakudalal abantu babetshalile bengawabiyelile amasimu yingakho kwakudingeka zihlale zigadiwe izinkomo. Futhi kwakuyichilo ukuthi baphathe umphako bebedla khona ehlathini izithelo, bezingatshalwa muntu kodwa bebenenkolelo yokuthi uma kushintsha izikhathi zonyaka kunezinyoni zokufika ezifika nembewu … Read more

Izilwane Ezilusizo

Izilwane ezilusizo Phambilini bebengekho odokotela kodwa abantu bebezilapha bona ngamakhambi nangezinye izilwane ezitholakala ehlathini. Bebe nesiphiwo sokuboniswa into enhle nembi ingakenzeki futhi bebeboniswa ukuyivika nokuyilapha nokuyichiliza iseza le kude, bebekholelwa emadlozini abo nakokhokho babo – yingakho bebethi yibo abababonisa yonke lento belele. Okhokho babo bebebabonisa bebafundisa ukuze baphile. Abafana abalusayo bebebasenhlanhlani yokufunda kwabadala konke lokhu, … Read more

Izinkolelo Ngezinyoka

Abantu banezinkolelo eziningi ezingafani ngezinyoka ezahlukahlukene. Kukhona abantu abazisebenzisela ukwelapha okungaba ukusebenzisa izingxenye zayo noma ukuyigcina ngoba benenkolelo yokuthi ibanika amandla noma iyidlozi kubona. ENingizimu Afrika umthetho awuvumi ukuthi abantu bafuye izinhlobo ezithile zezinyoka njengomonyo nezinye. Sizobheka izinhlobo ezithile nezinkolelo zabantu ngazo njengomonyo, inhlwathi nobhulube. Umonyo Umonyo uhlobo lwenyoka elitholakala emadamini noma emachibini. Kujwayeleke ukuthi … Read more

Izinkolelo Nemikhuba Eyenziwayo Uma Kuduma Izulu

Uma lizoduma izulu kuba nesifudumezi kuhlangane amafu amnyama, lindindize noma lishise kodwa lishisele emafini. Kuyenzeka lisuke lihlanganise amafu lidume kune, kube nesishingishane somoya ozama ukuligudluza. Kwesinye isikhathi ligcina linile imvula kokunye idlule ngenxa yokupheshulwa umoya. Abantu babekwazi ukuhlukanisa uma kuyilo elemvelo noma kwengolukuganga lelo elenziwa ngumuntu ngoba ehlasela abanye. Indawo ejwayele ukudlalela izulu kuyo ibizwa … Read more

Izinkolelo Ezihlanganiswa Nokufuywa Kwenja Ekhaya

Inja isilwane sasekhaya esibaluleke kakhulu, ngoba igada ukuphepha ekhaya kanye nemfuyo ekugcina isifana nensila yasekhaya. Kunezinkolelo eziningi abantu abazibhekayo ezimayelana nenja noma nento eyenziwa inja ngesikhathi esithile ekhaya. Kuthiwa uma kunento ekhona ekhaya egcekeni ebusuku, kuzwakala ngenja ikhonkotha ingayeki ukuxwayisa abomuzi ngekubonayo baze baphume babheke. Uma kunemimoya emibi noma isipoki izwakala inja isishaya umkhulungwane igcwale … Read more