Usiko
Njengama-Afrika sikholelwa emadlozini kodwa hhayi sonke. Ukukholelwa emadlozini ukukholelwa kumuntu noma kubantu asebashona kudala. Abanye abantu bashintsha izinkolelo zabo ngenxa yobuKristu, abanye bakholelwa emadlozini. Kudala bonke abantu abansundu babekholelwa emadlozini manje njengoba kunale nkolelo eyaqalwa ngabantu abamhlophe abakholelwa ekuthiwa ubuKrestu. Njengomuntu omnyama kumele ukholelwe esikweni lakho, ukholwe emadlozini, ukholwe ngabantu abafa kudala. Abamnyama kumele babuyise imimoya yabo/ububona.
Umdlalo weSiko lethu
Ngokwesiko lethu, thina njengabantu abamnyama noma isizwe samaZulu kunomdlalo obizwa ngokuthi ukungcweka (Lowo ngumdlalo owawudlalwa ngabafana abancane. Lowo mdlalo udlalwa ngezinduku lapho umuntu eshaya omunye). Lowo mdlalo wawudlalwa ngabafana bemibuso ehlukene ukufakazela ukuthi obani abafana abangcono kunabo bonke kuleyo mibuso ethile noma babekwazi ukuzivikela nokufakazela ubuqhawe nesibindi sabo. Kulezi zinsuku lo mdlalo obizwa ngokuthi ukugcweka noma induku udlalwa emicimbini emikhulu efana nomshado wesintu, umcelo (lapho abazali bebonga indodakazi yabo ngokuziphathakahle). Lo mdlalo udlalelwa ukuzijabulisa nje, hhayi ukuthi abantu balwela impilo yabo.
Ezokuzijabulisa
Singabantu abangamaZulu senza izinto eziningi ezingasenza sijabule noma zisithokozise. Senza umculo omningi njengesicathamiya (lapho sisebenzisa khona izwi lethu ukucula kodwa singasebenzisi zinsimbi zomculo). Kukhona noMaskandi futhi kuleyo ngxenye yomculo sisebenzisa izigingci, kanti phambilini besicula umculo obizwa ngokuthi imvumo lapho sisebenzisa khona izwi lethu ukucula nezandla zethu ukushaya izandla (ihlombe) nezinyawo,ukusina ukuze ohola ingoma athole ugqozi nomfutho.Senza ngisho umdanso obizwa ngokuthiwa-indlamu umdanso wesiZulu. Lowo mdanso othile esiwenza uma kunomcimbi wesiZulu. Lowo mdanso uyingxenye yokuzijabulisa ngoba akukhona nje ukuthi uzothola imali noma yini. Kodwa kulezi zinsuku abanye abantu bafaka imali yabo uma kukhona abadansi abenza esiteji noma kulowo mdlalo othile.
Izindaba Zamaqhawe ethu
Esikhathini esidlule kwakukhona indoda okwakuthiwa nguShaka Zulu, wayeyinkosi yamaZulu aMnyama. Wazalwa ngonyaka ka-1797. Waba ngumholi wesizwe samaZulu ngo-1816. UShaka Zulu wayengumholi okhaliphile. Wonke amadoda angaphansi kweminyaka engamashumi amane (40) kwakumele ajoyine ibutho. Wayenemikhakha emithathu. Ibutho ngalinye lalinenhloko yalo kanye nesihlangu sokufihla izindawo ezithile ezingxenyeni ezihlukene zombuso, lilungele ukuhlasela izitha ezivela ezinhlangothini ezahlukene. Yena ngokwakhe wayepheyhe ibutho amasosha amancane.
Sandile Maphumulo