Ukuphuka Kwezinkomo Zelobolo

Kuyisiko ukuthi uma intombi ilotsholwa iseyintombi nto noma ikhulelwe ikade iyintombi nto kunezinkomo ezikhokhwayo eziqondene nomama kanye nezintombi. Kunenkomo ekhishwa isoka ebizwa ngokuthi isidikli noma umgezo wezintombi. Uma kukhulelwe intombi kuphuma izinkomo ezintathu ukuyovala ihlazo emzini womnumzane. Lenkomo ngeyokuqala okufikwa nayo ikhulekwe ngaphandle kwesango, ihlatshelwe khona kukhishwe inyongo, kuchelwe ngayo umuzi, izintombi ziyogeza ngenyongo yayo emfuleni ohambayo, zikhiphe ichilo. Lokhu kusho ukugezwa komuzi womnumzane njengoba umfana esuke esephule umthetho wenza ingane yomnumzane umfazi noma wangahlonipha umuzi wendoda. Isidikli kusuke kugezwa ngaso izintombi ngoba lowo okhulelwe noma ophukile usuke etshele ihlazo ezintombini zasendaweni. Inkomo yesidikli kayibalwa emalobolweni noma ngabe uyise wengane uyaqhubeka nokulobola, usuke esazozikhipha zibe yishumi nanye uma kade kusayintombi nto. Isidikli asidliwa ngamantombazane asemancane, namabhungu. Idliwa asebezele, izalukazi namakhehla futhi inyama idliwa budlabha ngoba kufanele iphele ngalelolanga ayigcinwa.

Izinkomo zamalobolo ziyancipha noma ziyehla ngokwenani njalo uma owesifazane ethola ingane. Uma intombi yoniwe okokuqala yakhulelwa, oyonile kufanele akhiphe izinkomo ezintathu zokuhlawula okubalwa ingquthu (inkomo kanina) ebalwa emalobolweni, isidikli nemvumo okuyinkomo kayise wentombi, engabalwa emalobolweni. Uma sekukhokhwe lezizinkomo uma intombi isilotsholwa kusuke sekusele eziyisishiyagalolunye. Uma lowo ephinda ukukhulelwa, omkhulelisile ukhipha inkomo eyodwa yenhlawulo, lenkomo eyodwa ibalwa emalobolweni. Uma unezinga eziyisihlanu ozolobola uzokhipha izinkomo eziyisithupha, izinkomo eziyisihlanu ingane ngayinye, eyodwa inkomo kanina.

Source: Ilanga Langesonto,
Written By: Zanele Shange

20 thoughts on “Ukuphuka Kwezinkomo Zelobolo”

  1. Ngicela ukubuza Ntokazi. Mina ngazi ukuthi inkomo kamama ikhiswha umuntu owone intombi. okusho ukuthi uma indoda ilobola intombazane enabantwana abayisihlanu kumele ikhiphe izinkomo zamalobolo eziyisihlanu (hhayi isithupha njengokusho kwakho) zamalobolo. Inkomo kamama ayibe isakhishwa. Ngicela ucacise kulokho.

    Reply
    • Nami bengithi ngisazophawula kule yezinkomo ezinhlanu kube kubalwa nekanina kuzona. Cha angikwazi, kfanele zibe sithupha uma izingane ziyisihlanu zihambisana nenkomo ingane ngayinye bese eyesithupha ekanina uma uyise wayifica leyo nkomo.

      Osefika emumva kwaloko usekhipha lezi ezisele.

      Reply
      • umangabe kungaseyona intombi nto kuphuka inkomo kamama, inkomo kamama ikhokhwa Ilona oqede ubuntombi bentombazane, umangabe isilotsholwa omunye nje akabe esayikhokha leyonkomo, in mangabe ezoyikhokha mhlawmbe bengakaze behlangane,mhla behlangana bembatha ngubo yinye nentombi wasethola ukuthi akusoyona intombi nto isiyoniwe,uyabuyela ekhweni eyolanda inkomo yakhe kamama ngoba umama akawenzanga umsebenzi wakhe umehlule.ukhomkhelwa ukuthi uyigadile ingane yakhe. umangabe kumehlule akatholi lutho

        Reply
  2. Ngicela ukucaciseleka lana ekuphukeni kwezinkomo, ngiyacabanga akulona isiko ukuphula inkomo ngoba nakhu umuntu esenengane, ingane ayihlangani namalobolo nokuphuka kwezinkomo. Iyodwa iyodwa inkomo ephukayo uma umuntu umthole engaseyona intombi nto, kuphuka ekamama. Uma umuntu ezala izingane zize zibe wu12 engashadile kophuka izinkomo ezingakike lapho, ngisacela ukucaceleka lapho, ngiyabonga

    Reply
  3. Intombi esenengane ekungeyona eyami iyakhishelwa inkomo kanina?
    Noma inkomo ethizeni uma kuhlanjiswa ?

    Reply
  4. cha konke okushiwo akucacanga neze ngoba isizulu sithi Uma esenezingane akalotsholwa kepha uyadatshukelwa noma ezintathu kepha Uma eneyodwa kuphuka izinkomo ezintathu

    Reply
  5. Hi please help
    Uma umuntu ezolobola kade intombi umama kayo ongazange ashade waze wayophumula likhokhwaphi ilobolo uma uyise esakhona

    Reply

Leave a Comment