Indlela Yokuhlinzwa Kwembuzi
Ukuhlinzwa kwembuzi kwenziwa ekhaya uma kunomsebenzi ohlanganisa amadlozi. Kungaba isendaweni yaselokishini, edolobheni noma emaphandleni uma labo bantu bekholelwa emadlozini kufanele bakwenze futhi bakulandele ukuhlinzwa kwalesisilwane. Kusetshenziswa ummese obukhali ukwenzela ukuthi umuntu ozoyihlinza angayizwisi ubuhlungu kodwa kusheshe lokho akwenzayo. Uma imbuzi ihlinzwa ibanga umsindo okuyiwona lomsindo abantu abakholelwa ukuthi ubaxhumanisa namadlozi abo. Abanye abantu bayaye bayihlabe … Read more