Umlando Wesibongo SakwaNtshangase

Umlando WakwaNtshangase Nezithakazelo zaboNtshangase!
Menziwa!
Nina bakaGala kaNodade
Nin’ enibiya ngenkomo
Abanye bebiya ngamahlahla
Nin’ enasindis’ uZulu
Ezobulawa yindlala ngoNandi
Nina bakaSitambi kaMasiphula.

Umlando wabo
Abantu bakwaNtshangase bangama Ntungwa-Nguni baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba eyaziwa ngokuthi kuseGazini ngoba enkulu ngeyaseMqekwini. Baphuma kuNtshwankeni owabelamana noXhoko. Bangabantu ababodwa nabakwaBiyela. Bona bazibize ngoNtshangase baseMgazini nje yingoba uNtopho kaNtshwankeni uthe bantshingiwe esusela esenzweni sabantwana baseMqekwini abebeqonywe eGazini nakuba kungabantwana abaphuma esendeni elilodwa likaNdaba kaMageba. UNtopho uthe sebengabase Mgazini nabo bonke abakwabo.

Uthe abakaXhoko bangabakwaBiyela. UXhoko noShonkweni bebelamana emhlane. Kusukela lapho ekutheni abantwana bakaNdaba bangahambisani nokuthi abaseMqekwini baqomise odadewabo baseMqekwini, sebebathatha njengabantu abangasazalani nabo. Yingakho nje abanye babantwana bakwaNsthangase bagcina begana KwaZulu njengoMehlana kaNtapho ogcine esegane iNkosi uSenzangakhona waKwaZulu.

Njengoba abakwaBiyela bakhe eKhathazo, abakwaNtshangase bakha kwaNomponjwana ngakoMkhandlwini. UShonkweni ozale uNtopho, ozale uNcidi noMehlana. UNcidi uzale uMamba, uMdlaka, uHlathi noMangxanga.

UHlathi nomnewabo uMdlaka bebengamaqhawe adume kakhulu embusweni waKwazulu ngesikhathi kubusa uShaka. UHlathi ngelinye lamaqhawe alimale kanzima empini ebiphakathi kweNkosi uZwide kaLanga wakwaNdwandwe. Kube nguHlathi, uMvundlana wakwaBiyela, uNdlela wakwaNtuli noNtshiphi kaShangane wakwaMthethwa. Sikhale kakhulu iSilo uShaka ngamaqhawe aso ngoba sithi asalile empini. Sikhiphe izinkomo sabiza izimbongi sathi mazithethe amadlozi kucelwe emakhosini asalala aKwaZulu ukuba ababuyise. Kuhlatshwe izinkomo, kwahaywa amakhosi asalala, izinyanga zahlanganisa amakhubalo nezintelezi. Zigcine zivukile izethenjwa zeSilo kodwa uHlathi akabange esavuka, usale lapho unomphela. UMdlaka noHlathi bebengamaqhawe ngoba impi bebeyiqonda ngqo. Yingakho nje ezibongweni zikaMdlaka bekuthiwa: “Unqombonjeni, uMahlatsh’ ebuhlem’ onjengethole.”

UMangxanga kaNcidi wayengomunye wamaqhawe eLembe futhi wayemhlophe, iLembe belimthatha ngokuthi wone impi yalo ngebala elimhlophe. ILembe limakhise phesheya komfula uMkhuze nokulapho uzalo lwakhe lutholakala khona. Omunye wabo nguMbekiwenkosana Ntshangase, onamabhasi eMkhuze. UMdlaka wayeyibutho loMbelebele. Yingakho nje ezibongweni zakhe kuvela ukuthi: “Ingwadla ephangela uMbelebele.” ILembe libeke uMdlaka waba ngumdidiyeli omkhulu wamabutho ngenxa yobuqhawe bakhe. UMdlaka iLembe wayelikhonze ngenhliziyo yakhe yonke. Yingakho uMdlaka ephatheke kabi uma ezwa kuthiwa uMntwana uDingane uselibulele iLembe. Udinwe kangangoba wehluleka nokufihla amazondo abenawo ngomntwana uDingane obesebekwe waba yiSilo. Uze wathi uMdlaka ngeke amkhulekele ngoba ungene esihlalweni sobukhosi ngegazi laseNdlunkulu. ISilo saseMgungundlovu sibona ukuthi uMdlaka ukuthi usizonda kangakanani, sinqume ukuba amsoconge.

UMdlaka ubulawelwe emzini wakhe wakwaNhlanga owayewakhelwe yiSilo iLembe khona kwaDukuza. UMdlaka ushiye ekhombe uMasiphula kaMamba ukuba kube nguyena oyokhonza eNdlunkulu. Bonke abebengabangani beLembe nabebesondelene noMdlaka, babe yizitha ezinkulu zeSilo uDingane. Enye yamadodana kaMdlaka, uMhulungwana uze wakhoseliswa nguNgqengelele kaMvulana wakwaButhelezi emzini waseNsukaze. Uganelwe khona uMhulungwana.

English Summary
History and clan praises of Ntshangase people.

By: Mbusiswa Zuma

Source: Ilanga Newspaper, June 30 – 2 July 2014

6 thoughts on “Umlando Wesibongo SakwaNtshangase”

Leave a Comment