Umlando wakwaNtombela Nezithakazelo zabo
Mahlobo!
Mpangazitha!
Nin’ enipheka ngembiz’ ende
Isibong’ esibi
Esingabizwa ngabalandakazi
Sisindi somtshiki
Nin’ enishay’ impukane ngesibhakela
Niyinqamul’ amathumbu
Nina bakwaMalandela
Nin’ enizal’ uZulu
Nina bakwaDambuza
Nina bakwaLuswazi
Dlukula!
Nzuza!
Sishosho sikaPhunga noMageba.
Umlando wabo
Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, uMahaye nabanye abaningi. UNtombela ubekhonze umnewabo uMalandela ngoba nasemuva kokukhothama kukaMalandela nguNtombela obambele indodana yomfowabo. Leyo ndodana bekunguQwabe yena yedwa uQwabe wodumo emlandweni wakwaZulu. Ibilanywa nguZulu.
UMalandela ukhothame besebancane oQwabe noZulu. Bebezalwa ngundlunkulu kaMalandela uNozidiya wakwaZungu. UNtombela uzalwa uLuzumane kaMnguni wesibili, kaGumede kaQwabe wokuqala, kaYeye kaMnguni wokuqala kaLufenilwenja kaNtu.
Umuzi kaMalandela oDwini wawakhe eMandawe eMlalazi ngaseShowe, wabuye wayokwakha oNgoye. Nalapho ubehamba nomnawakhe uNtombela. Babuyile bezozinza eBabanango lapho uMalandela ekhothamele khona. UNtombela ubenamadodana amaningi, uMdlani, uMpangazitha, uMahlobo, noNtanzi. UMdlani uzale uDlomo ozale uDlukula yena wazala uZwana, uSobandli noThayiza. UZwana uzale uZiningo, uLukhwazi, uMagedla noMniza. Uziningo uzale uFaku obuse emuva kwakhe. Kungathi ke uFaku wayenokuganga ngoba ubengenqeni ukubiza noma wubani ambhucunge uma egeza ngoba ngelinye ilanga ubize enye yamakhosi akwaNgobese ukuba imbhucunge wagcina eseyisikele izwe.
UFaku kaZiningo umuzi kayise ubuseGezahlale eNkandla. Yonke leya ndawo uyisikelwe yiSilo saKwaDukuza iLembe, libazisa abaKwaNtombela ngoba lazi ukuthi ngabakwabo.
Nangempi yaseSandlwana uFaku wayekanise ngakhona waze wabhila ngentelezi amabutho ayelibhekise eSandlwana. Emuva kwaleyompi uFaku ube ngomunye wamakhosi abekwe ngabamhlophe. Lobo bukhosi bakwaGezahlale obubuye baziwe ngobakwaMpukunyoni bulahleke sekufanele kubuse uLubhudlungu kaFaku, kwasuka isiphithiphithi sempi yamakhanda.
Ngaleso sikhathi uFaku ubephila. ISilo sasoSuthu sithumele kuFaku ukuba angayingeni leyompi okuthe izinduna zeNkosi uFaku zahlohla uLubhudlungu zihlangene nenduna uNkanyamba kaJubane ukuba ayiphake.
English Summary
History and clan praises of Ntombela people
By: Mbusiswa Zuma
Source: Ilanga Newspaper, July 21-23 2014
uNtombela akasiyena ubhuti kaMalandela, uMalandela kaLuzumane wazala uZulu noQwabe, uQwabe wahamba ngenxa yokuthi wayebheke ukuthatha okungu kababa wakhe njengenkosana. uZulu wasala wazala Nkosinkulu. Nkosinkulu yazala uNtombela. uNtombela wazala amadodana amathathu uZulu,uMpangazitha noMahhaye. uMpangazitha wazala uMahlobo. uMahlobo wazala uDlukula Dledle. uDlukula dledle uyena owaphuma kaZulu wathatha isibongo sakhokho wakhe uNtombela, saqala kanjalo isibongo sakaNtombela…
oMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda….Siqala ngaye uMalandela, mase siyalandelanisa…futhi kwithakazelo zethu mase sithopha khona uZulu wokuqala mase kuba uZulu owazalwa uNtombela.
Siyabonga kakhulu ngomnikelo wakho, Lungelo!
ULuswazi noma lukhwaz
ULukhwazi not Luswazi futhi akangeni uNzuza