Abantu bakwaMagwaza baziwa ngezithakazelo zabo oNjinji, Manqondo noYengwayo. Batholakala eMthinemide eNkandla lapho kubusa khona iNkosi Mandlenkosi Magwaza eMelmoth naseMzinyathi, eNdwedwe. AbakwaMagwaza babaziwa ngabakwaMhlongo okwathi ngoba enye yamadodana akwaMhlongo imithise udadewabo yabizwa ngokuthi nguMagwaza ngoba igwaze ekhaya. UMagwaza wakhishwa emndenini wakwaMhlongo.
UMagwaza uzale uLogoloza, uLogoloza uzale uNjinji, uNjinji uzale uMabhulubhense, uMabhulubhense uzale uSibude, uSibude uzale uYengwayo, uYengwayo uzale uMazwana, uMazwana uzale uManqondo. UManqondo waba yisilomo ngesikhathi sekuphethe uDingane ngoba kuthiwa wabeka inkomo wathi umuntu ozokwazi ukuyithwala kuzoba ngeyakhe. Amadoda amaningi ehluleka ukuyithwala kodwa uManqondo wayithwala wahamba nayo wabe eseqanjwa ukuthi nguMathwalinkomo.
UManqondo uzale uQethuka. UQethuka uzale uMaseyana. UQethuka wenqaba ukuthatha ubukhosi ngesikhathi sekushone uyise uManqolo ubukhosi bakwaMagwaza bathathwa ngamabamba. Ibamba lokuqala kube umfowabo kaQethuka omncane; elesibili kube nguNdube ozalwa nguManqondo, elesithathu kwaba nguMphathesitha ozalwa nguNdube kwathi elesine kwaba nguGogodwayo ozalwa nguNdube. Ngemuva kwalokho ubukhosi bubuyele kuMaseyana ozalwa oyindodana kaQethuka. UMaseyana uzale uMkhulumeli ozale iNkosi Mandlenkosi ebusayo manje.
Abanye abanonise umlando wakwaMagwaza kubalwa uNohadu ozalwa nguMazwana endlini yasokhohlo. UNohadu ubephethe izinceku esigodlweni sesilo uShaka, KwaBulawayo naKwaDukuza. Uqhubeke nokuba yinceku nangesikhathi seSilo uDingane neSilo uMpande. UNohadu uzale uMtshaphi.
Izithakazelo
Magwaza, Njinji!
Manqondo, Yengwayo!
Wena wakaJika bakhothame! Mabhulubhense!
Nina abeqhawe elathwala inkomo iphila!
Nina bakoMith’ emide!
Mabusi Kgwete
Source: Ilanga Newspaper. 23 -25 April 2012. Page 8
Izithakazelo zakaMagwaza nemvelaphi yabo
Manqondo
Qethuka,
Njinji,
Yengwayo,
Ntshona,
Gidizela,
Wena waseMantandweni,
Manqond’ othwal’ inkomo,
Sobiko wokubika ukuthandwa,
Jiba khothama sibakhwebukhwebule,
Nagezimbanjana zabo.
Kunabanye oMagwaza abaphuma kuNtshona kaQethuka, batholakala eMahlabathini, KwaNongoma eSigodiphola, eJozini naseSwaziland. Bese kuba khona oMagwaza abamhlophe, bona baphuma kuNyambose kaManqondo. UManqondo nguyena lona owathwala inkomo. Lokho kwenzeka ngesikhathi kubusa iSilo sasoNdini, uCetshwayo, ngesikhathi sempi yaseSandlwana, kuthiwa walwa namanye amaNgisi.
NaseThwasane amakholwa ayesephendukile esehambisana nemithetho yamaNgisi, wawathola ethandaza, wawagwaza bawabulala. Kuthe abamhlophe izwe sebelidabulile, benza umathanda wabo uQethuka waze wabizwa ngumzala wakhe iNkosi uSigananda Shezi. UQethuka phela wayezalwa ngoKaZokufa wakwaShezi. Wayekhona nangesikhathi seMpi kaKhandampondo ngowe 1906. Waze waboshwa ngowe 1906 ngoba wayengahambisani nomthetho wamaNgisi futhi ngesikhathi eseNkantolo eMpandleni, akazange alishiye iwisa lakhe ayeliphethe ngesikhathi kuthethwa amacala abo. Kwathiwa makalishiye ngaphandle iwisa lakhe ngomyalelo wemantshi, wathi ngeke yena alishiye, iyodwa inkosi akhuleka kuyona, nguJininindi iSilo uCetshwayo kuphela futhi akanawo amehlo aluhlaza sengathi ikati.
Wagwetshwa lapho ngawo unyaka we 1906 waze wabuya ngonyaka we 1909 engasenamazinyo. Wahlala iminyaka emibili washona ngonyaka ka 1911. Idlinza lakhe lisemzini wakhe waseSilungwini. Wahamba emhlabeni ezale uMaseyana, uDlulayihlinze, uMhadasi nabanye. UMaseyane wakha umuzi wakwa Phambiqili. Lapho kulowo muzi uMaseyana wazala uMangweni, uMkhulumeleni owakha umuzi waKwaMthakathi nowaseKubhekaneni ngaseKhomo lapho khona wazala uNgcongolo yena wazala uNhlese noMashingana.
Asuka ke lapho amanye amadodana kaNgcongolo uGinamabele noMhanqwa bayokwakha eMnqunyeni ngaphansi kwezintaba zaseBabanango, besuka nomuzi waseMagundaneni nowasoDasaneni. Lapho uGinamabele wazala uSiqheke noGibisibhamu. USiqheke waganwa ngamakhosikazi ayisihlanu, enye yawo nguMaKhuzwayo ozale uNelisiwe, uZanele nezinye izingane. Indodakazi uZanele ugane kwaMsibi eNewcastle.
UMhaqwa wazala uMkhishwa, yena wazala amadodakazi amabili uNkosikhona (owagana kwaSibisi) noNtombithini.
UDlulayihlinze kaQethuka akaganwanga ngoba kwabe kungumuntu owayekhonze izimpi, njengoba wayibamba eMpini yaseSandlwana. Bese kuba wuzalo lukaNkulwana kaMaseyana. Lona lutholakala eMkhandlwini naseZidubuzele. Zimbili izindlu zobukhosi bakwaMagwaza, kukhona eseNkandla neKwaMaphumulo.
Ukwelamana KwabakwaMagwaza
Indlu yasoHwebede- eNkandla
UQungumbethe wazala uLugoloza, owazala uMabhulu (Njinji) owazala uYengwayo, yena wazala uMazwana, wazala uMaNqondo noSidade. UManqondo wazala uQethuka, uNhlebo, uMasingana, uNtshona, uVongoyi (owasala oNdini ngempi kaZibhebhu kaMaphitha). UQethuka wazala uMaseyana, uDlulayihlinze, uFumutha (indodakazi eyagana iSilo uCetshwayo yazala umntwana uManzolwandle noNonkongolozana emzini waseZintandaneni).UNhlebo wazala uNxusa (kunesikole KwaMagwaza, eMithinemide, eMelmoth esiqanjwe ngaye). UMaseyana wazala uMangweni (inkosana kodwa wabenqaba ubukhosi) noMkhulumeleni. UMkhulumeleni wazala uMandlakayise, uNgcongolo, nabanye. UMandlakayise wazala uSizwesonke Vincent M Magwaza obusayo.
Indlu yakwaMaphumulo – eGlendale
UGuyazana wazala uMbangayiya, owazala uMadubeko owazala u-Absalom ozale inkosi uThembelihle.
Ezinye zezibongo ezikanye nesakwaMagwaza, eziphuma kwaMhlongo: Nxusa, Zincume, Guma nesakwaMasinga.
By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper
English Summary
These are the clan praises and the history of Magwaza people.
Love my surname 2 bit magwaza for life
Benjamin Sipho Magwaza. Ngiyabonga ukuthola umlando wakithi, ngizwa injabulo enkulu.
Igama lami nginguLindiwe. Siyabonga ngomlando wakwaMagwaza. Thina singabendlu yakwaMaphumulo. Inzalo kaVeletsheni owayezalwa uGuzana.
Siyabonga, sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu.
Siyabonga ngomlando wakhith ngicela ukubuza lithini ihubo lakwa-Magwaza