Izinkolelo zesintu (Zulu Myths)

Siyindlu emnyama sinezinto esikholelwa kuzo. Zazishiwo abazali bethu ukusixwayisa ekwenzeni izinto noma siqikelele singenzi noma ikanjani, uzihloniphe ungumuntu uhloniphe nalapho uphuma khona. Ezinye zazo zingamaqiniso mewuzilandela ezinye kugcine kungenzekanga lutho njengokuthi: Uma ugqoka ibhulukwe lesoka ukhulelwe siyachitheka isisu Uma ugovuza ibhodwe ngesipuni noma ngophini bese usulela esandleni ngenhloso yokuzwa usawoti, bathi isoka lakho liyakubamba mewulibhanqile … Read more

Kusadliwa Ngoludala Ngezikhathi ZikaKhisimusi

Ukukhulela emakhaya bese kuba nezohlobo ezindaweni ezisemadolobheni njengaseThekwini umuntu esakhula kwakuyinto eyidumela ngoba kwakwaziwa ukuthi uma sekuyizikhathi zamaholidi sizohamba siyovakashela izihlobo zethu. Kwabaningi lokhu kwakufana nento enkulu empela. Ngokwesintu kubalulekile ukuthi nivakashele izihlobo zenu, thina sasivakeshela komalume lapho kuzalwa khona umama kakhulu. Kuyayekuthiwe siyodla amasi ngoba phela kwakwaziwa ukuthi uma umuntu eya komalume kumele afike … Read more

Izinkolelo zabantu ngotokoloshe

Kunezinkolelo eziningi kubantu ngokuthi yini utikoloshe, kodwa isikhathi esiningi uhlanganiswa nemisebenzi yobubi yalabo ababizwa ngabathakathi. Kuthiwa abathakathi bayakwazi ukuthi benze sengathi umuntu ufile singakafiki isikhathi sakhe khona bezomenza isigqila sabo noma asebenzele bona imisebenzi yomumnyama. Isikhathi esiningi lowomuntu abasuke bemfuna bayamgulisa noma avelelwe yingozi yemoto bese beyamthwebule ahlale emizini yabo. Sixoxe noBaba uSgonondo Khawula, ositshele … Read more

Izinkolelo zabantu ezahlukene ngezinyoka

Abantu banezinkolelo eziningi ezingafani ngezinyoka ezahlukahlukene. Kukhona abantu abazisebenzisela ukwelapha okungaba ukusebenzisa izingxenye zayo noma ukuyigcina ngoba benenkolelo yokuthi ibanika amandla noma iyidlozi kubona. ENingizimu Afrika umthetho awuvumi ukuthi abantu bafuye izinhlobo ezithile zezinyoka njengomonyo nezinye. Sizobheka izinhlobo ezithile nezinkolelo zabantu ngazo njengomonyo, inhlwathi nobhulube. Contents 1 Umonyo 2 Inhlwathi 3 Ubhulube 4 English Summary: … Read more

Ingxoxo noMnumzane Ndwandwe ngokusetshenziswa kwemali yakudala

Sibe nengxoxo noMnu Ndwandwe oneminyaka engu-82 ubudala owazalelwa endaweni yaseMpangeni kodwa osehlala endaweni yaseMalangeni eMpumalanga Township. Ingxoxo yethu ibimayelana nokuqala kokusetshenziswa kwemali yakudala ngabantu abamnyama. Imali yakudala yayaziwa ngopondo, otiki, openi nosheleni njalonjalo. Okwathi ngeminyaka yawo 1960 yase ishintshwa uhulumeni wangalesosikhathi yaba ngamarandi. UBaba uNdwandwe ubalule ukuthi waqala ukubona imali esawumfana omncane elusa amathole. Uthi … Read more

Indaba Yenyoka Ubahazule

Ziningi izinto abantu abazisebenzisayo uma befuna ukuthandwa, ukuba nenhlanhla noma ukuthola izikhundla. Singabala ukusetshenziswa kwemithi, ukukhokha imali ukuze umuntu asikhundla abanye baze basebenzise ngisho izilwane zasendle abazinikwa yilabo abathi bangabelaphi bendabuko. Lapha sixoxelwe ngenyoka ebizwa ngobahazule abanye bayazi ngomamlambo. Lenyoka kuthiwa isetshenziswa kakhulu ngabantu besifazane. Lendaba yalenyoka inedumela kakhulu ngoba yindaba endala. Abantu bayaye bathande … Read more