Ukukhulela emakhaya bese kuba nezohlobo ezindaweni ezisemadolobheni njengaseThekwini umuntu esakhula kwakuyinto eyidumela ngoba kwakwaziwa ukuthi uma sekuyizikhathi zamaholidi sizohamba siyovakashela izihlobo zethu. Kwabaningi lokhu kwakufana nento enkulu empela.
Ngokwesintu kubalulekile ukuthi nivakashele izihlobo zenu, thina sasivakeshela komalume lapho kuzalwa khona umama kakhulu. Kuyayekuthiwe siyodla amasi ngoba phela kwakwaziwa ukuthi uma umuntu eya komalume kumele afike uthole amasi asengwe ezinkomeni ezeza mhla kulotsholwa umama wabo. Uma usayingane kwakungafiki emqondweni ukuthi lezi zinkomo nazo ziyahlatshwa zibuye ziphele.
Ngalezo zikhathi uma isihlobo noma owomndeni enemoto, naniyizinto ezinkulu impela emphakathini. Wayefika umalume ebusuku ezosilanda ngoba usuku lonke wayekade eshayela amabhasi akaKopeletsheni (co-operation). Ukushayela amabhasi kwakuyinto enkulu phela ngalezozikhathi, kwakufana nokufundela ukuba ngumabhalane emahhovisi kahulumeni wangalesosikhathi. Angiphathi khona uma umuntu enguthisha, kwakufana nokuthi ungumholi wasephalamende ngalezozikhathi.
Umalume wayefika sesilungile sesazi ukuthi uyeza, imigwaqo yayingakabi netiyela ngalezozikhathi,Yayifika imoto kwesinye isikhathi phakathi namabili. Sasiyizwa isekude, sovuka emalawini ahlukahlukene, yithi labaya sigqoka siphuthuma ukoyihlangabeza ngenkulu injabulo. Sosubatha ngelikhulu ijubane sishiyane kulobumnyama basemakhaya ngoba nogesi ngalezozikhathi wawungabonwa, sasikhanyisa ngamakhandlela neziphefu.
Umalume wayeneveni le Ford Fortina ayeyibongela ngokuthi yinsimb’ edlezinye. Sasigcwala sonke ngemuva silibhekise kwamalume. Sofika kubo lobobusuku siqale izindaba sijabulela ukuba kwamalume. Usuku esasiluthokozela kakhulu yingesikhathi sesiyiswa edolobheni ngoba kwakuyimvela kancane kithini lokho siyothengelwa izingubo zikaKhisimusi.
Ngosuku LukaKhisimusi
Sasivuka ekuseni sigeze sigqoke izingubo zethu ezintsha silindele ukuthi liphume ilanga khona sizohamba siye komakhelwane sihambe sidle uKhisimusi. Okwakuphawuleka ukuthi uma sivakeshele kwamalume sasiba bahle sigeza ngoba amanzi babewakha empompini osegcekeni uma kuqhathaniswa nathi esasiwakha emfuleni siqaphela ukuthi singawamoshi. Kodwa izingane zaselokishini zazibonakala zinomehluko omkhulu ngoba nazihlale zichochoma zona ngenxa yokuzwana namanzi. Sothi nathi isikhathi sokuophindela emakhaya sishaya, sobe sibahle sinjeya kuthiwa sithandwe iTheku kantu ukugeza ugcobe uvaselina noma idoni nje kuphela.
Kuphekwa ekuseni kakhulu ngalolusuku zonke izinhlobo esingajwayele ukuzidla emakhaya, Sasingena umuzi nomuzi sibebaningi sihamba sidla. Abantu bayojabula basiphakele sidle amasaladi into eyayidliwa ngoKhisimusi kuphela. Irayisi nenyama ivelakancane kuwubuthaphuthaphu ngalolosuku. Sothi uma siqeda sidlulele komunye umuzi kube yiso leso. Usuku lophela umuntu uyobe esuthi eqhuma, abadla amanzi ampotshwana badakwe bagaqa ngamadolo. Koba usuku okuxoxwa ngalo ingxenye yonyaka uma seludlulile.
By: Mbusiswa Zuma