Ziningi izinto abantu abazisebenzisayo uma befuna ukuthandwa, ukuba nenhlanhla noma ukuthola izikhundla. Singabala ukusetshenziswa kwemithi, ukukhokha imali ukuze umuntu asikhundla abanye baze basebenzise ngisho izilwane zasendle abazinikwa yilabo abathi bangabelaphi bendabuko. Lapha sixoxelwe ngenyoka ebizwa ngobahazule abanye bayazi ngomamlambo. Lenyoka kuthiwa isetshenziswa kakhulu ngabantu besifazane.
Lendaba yalenyoka inedumela kakhulu ngoba yindaba endala. Abantu bayaye bathande ukuthi bangalisebenzisi igama elithi mamlambo kuyona ngoba liyaziwa. Umuntu uyaziqambela elakhe igama. Kuthiwa lenyoka awuyithola iyinyoka kulowo osuke uye kuyena uma uyifuna. Unikwa umuthi wokuthi uphalaze kodwa kufanele uphalazele endaweni eyodwa njalo kuze kuphele lesosikhathi umuntu asitsheliwe. Kuthiwa kusuke sekuvuleke umgodi kuleyondawo okunenkolelo yokuthi yilapho kuphuma khona leyonyoka khona. Uma seyiphumile kufanele umuntu lowo ayithathe ayifihle ingabonwa muntu. Yiyona esizokunika izinhlanhla zakho lezo ozifunayo.
Kudala kwakukhona umama owayeyikholwa. Ebandleni ayesonta kulo wayengumkhokheli womama. Kuthiwa ngenxa yokuthanda isikhundla wabona kubalulekile ukuthi athole lenyoka. Lomama wayenengane eyodwa yomfana kuyiyona eyayazi ngobahazule. Kuthiwa umama lona wayethandwa ngayo ebandleni wonke umuntu wayemhlonipha kungumama ophezulu. Kuthiwa ngelinye ilanga kugulwa kamakhelwane wakhe wonke amakholwa ephuthuma ekuseni eyokhuleka khona badlula kwamkhokheli bamazisa ukuthi bayokhuleka. Kuthiwa watatazela umkhokheli wangena endlini watshela indodana yakhe ukuthi iphalishi selilungile ucela ukuthi umfana aphakele ubahazule ngoba yena wayephuthuma ukuyokhuleka kwamakhelwane.
Kuthiwa waphuma umama esgijima kanti nobahazule uselambile isikhathi sakhe sokudla sesishayile. Ingane yathela iphalishi endishini kanti nenyoka isingena ngomnyango yangena phakathi endishini yasha. Kuthiwa inyoka yasha, ingane yaphuma igijima iyobika kumama ngokwenzekile. Ingane yafika emzini womkhuleko ikhala yamemeza ukuthi ubahazuke ushiswa umdokwe. Waphuma umkhokheli esegijima ehamba ekhala ephindela ekhaya. Omama akhonza nabo baphuma nabo begijima bemlandela ngemuva babehamba bebuzana endleleni ukuthi ngoba umkhokheli bamazi enengane eyodwa eyesibili uyithathaphi.
Uma bengena omama bamfica umkhokheli ekhala endlini kukhona inyoka enkulu endishini enkulu ifile icwile kumdokwe. Ambuze amakholwa ukuthi ubani ubahazule, umkhokheli wakhomba inyoka. Kwabayihlazo ebandleni ukuthi umkhokheli wayenenyoka.
By: Nqobile Mdabe