Sibheka indaba yokuthwetshulwa komuntu ukuthi ngabe yenzeka nini futhi kuvamise ukuthi kube abantu abanjani abavamise ukuthi bathwetshulwe. UBaba uNgwazi ohlala eNanda, eCongo usixoxele ngaloludaba. UBaba usibekela kabanzi isithombe sokuthi labantu abathakathayo basuke befuna hlobo luni lomuntu abasuke befuna ukumenza umkhovu.
Izimpawu Abazibhekayo Kumuntu
Uthi kwakuvamise ukuthi uma kuyiwa emdlalweni wokushaya induku obaba abathakathayo babehlala babuke ukuthi ubani oshaya kangakanani induku, nokuthi umfutho wakhe unjani. Okuchaza ukuthi babhekisisa abantu abanamandla noma abangamaqhawe endaweni. Kumuntu wesifazane babebheka ukuthi ukhuthele (uyisikhwishikhwishi) kangakanani. Okunye ababekubhekisisa ukuthi ngabe lowomuntu abafuna ukumenza umkhovu uhlakaniphile yini noma cha. Lokhu babekubheka ukuze bezokwazi ukumsebenzisa, phela nabo abamfuni umuntu oyivila, kufuneka umuntu ozokwenza lento abayifunayo.
Uthi ngelinye ilanga bekhula beyizinsizwa emakhaya eMzumbe kwakukhona insizwa eyayishaya induku ngalendlela eyisimanga yaziwa endaweni. Kuthiwa kwakukhona omunye ubaba owayehlezi ethi kulensizwa ngifuna uzongisebenzela, ushaya kahle induku. Uthi lensizwa yayinganaki lendaba kalobaba ngoba yayazi ukuthi akukho lapho engamsebenzela khona. Uthi njalo elokhu esho kanje kanti ngelinye ilanga lensizwa izovele igule lokhu okusheshayo, idlule emhlabeni kungalindele muntu ukuthi ingahamba. Yangcwatshwa kahle futhi wonke umuntu wazi ukuthi ishonile. Kuhambe isikhathi endaweni ngempela wonke umuntu sewakhohlwa ngayo.
Kuthiwa ngelinye ilanga ebusuku lobaba nonkosikazi wakhe bayikhiphe lensizwa sebeqala ukuyiqeqesha, ukuthi kumele yenze kanjani uma isifike kulesisikhathi sokuthi isebenze. Kunenkolelo yokuthi uma umuntu ethwetshuliwe kufanele ashayelelwe isipikili ekhanda. Bona babengakakwenzi lokhu, okuchaza ukuthi wayengakabi umkhovu ophelele. Njalo ebusuku bemqeqesha ukuthi akwazi ukugijima, bamtshele ukuthi akenzeni njalonjalo. Ngempela lomuntu kuthiwa wayekwenza lokhu izinsuku zilandelana elandela imiyalelo yabaphathi bakhe. Kuthiwa ngelinye ilanga akabange esabuya wabaleka njalo walibhekisa kubo.
Kuthiwa umndeni womufi wavuswa izigi egcekeni bathi uma bebheka bathola isalukazi nekhehla benqunu emnyango, bathi uma bebhekisisa babona ukuthi indodana yabo eyashona isibuyile. Kwahlatshwa umkhosi endaweni babanjwa abathakathi bavalelwa endlini kwaze kwasa. Base beqhutshwa beyiswa enkosini yesigodi lapho abafika batholwa benecala badingiswa endaweni nensizwa leyo yalashwa.
UMakhosi Maphumulo oyisangoma yena usibikele ukuthi abantu abenza abantu imikhovu izikhathi abazisebenzisayo kakhulu izikhathi zePhasika ngoba banenkolelo yokuthi isona sikhathi ekwenzeka ngaso lomkhuba ngoba abenkolo yaMaKristu basuke nabo bekhumbula ukubethelwa kwenkosi yabo. Uphinde wanaba ukuthi uma umndeni ukholelwa ukuthi umuntu wawo uthwetshuliwe kufanele uzame imizamo kusanesikhathi ngoba umuntu kufanele aqede unyaka bengakamshayeleli isipikili kumele kuze kube iPhasika elizayo. Abantu kuqala babebenza abantu imikhovu ukuze bezobasebenzela noma abulala umndeni wakhe. Kuyiqiniso ukuthi babebuka ukuthi unesiphiwo esingakanani. Asazi noma manje kusenzeka yini, ngeke sibe neqiniso lalokho.
English Summary
There are many legends that are popular in black communities like the one that is shared by Baba Ngwazi of Inanda. He told us about witch practice that targets people who are prominent in the community and uses umuthi against them so that they will be sick or die in an accident but in truth they are not dead only their shadow is being buried. They use these people to do their dirty work at night. They target both men and women for this.
Makhosi Maphumulo, who is a sangoma, said the people are converted into zombies during the Easter period and it takes 12 months to fully do this. This means that if the family suspects that he will be turned into a zombie, they should consult with traditional healers immediately after the death of that individual. It is not know if they still practice this.
By: Nqobile Mdabe
Ingabe ukhona umuntu onolwazi lokubuyisa umuntu othetshuliwe ngicela usizo kumuntu owazi lowo msebenzi.
Wasizakala?
Ngicela usizo ngilandelwa yizilwane zithi ngiwumkhovu njalo zikhuluma emadlebeni ami futhi yizona ezingitshela into ekumele ngiyenze
Kubi mapholoba ngiyafisa ukukusiza kodwa anginalo ulwazi