Ukuhamba kweminyaka kusho ushintsho izintweni ezifana nenkolo kanye namasiko ngenxa yosikompilo lwezindawo ezihlala abantu ngokwehlukana kwazo. Ukuhlala nabantu bezinhlaka nezinhlanga ezahlukene kusho ukuthi siyachathazelana ngamasiko ethu lapho sifunda khona izindlela ezahlukene zokukhonza kanye nokuphila ezithinta amasiko nomthetho esiphila ngaphansi kwawo. Indawo yasehostela ihlala abantu abavela ezindaweni zasemakhaya abazobheka amatoho futhi abathanda impilo yesintu. Emahotela bekuyindawo ehlala amadoda kuphela kanye nezinsizwa namabhungu azofuna umsebenzi emva kokuba kuvulwe amasimu ezimoba, kepha ngokuhamba kwesikhathi kube sekuba indawo nabesimame abebefika ngokuvakasha kuyo bagcina nabo sebehlala khona. Lokhu kudalwe ukushintsha kwezinto kanye nokwehla kokuqina komthetho amahostela kwelikaBhanana.
Lezi zindawo zisenayo imithetho abantu abahlala ngaphansi kwayo njengoba kunezinduna zakhona ezibizwa ngokuthi o”Block Chairman”. Okushukuthi awuzenzeli umathanda lapho uhleli khona uyaziwa nemvelaphi yakho makwenzeka uvelelwa yinkinga, Kulezi zindawo kuhle ngoba kusadliwa ngoludala. Imigubho emikhulu yesintu iyabungazwa kuhlanganyelwe, kuhlanganiselwe izinkomo zihlatshwe kudliwe inyama kusinwe ingoma kuvunulwe, kwenziwe nemiqhudelwano yengoma yezigodi ezahlukene zihlanganyele. Okunye okuhle ngamahostela lincane kakhulu izinga lobugebengu. Indlela abantu bakhona abaxhumene ngayo noma abahlangene ngayo ukuganga komuntu bakuphebeza isuliphezi. Abagayelwa mphako, bangakudla uluhlaza mawubamba inkunzi akufani nasezindaweni ezise malokshini, lapho khona kukwampunzi edla emini.
Amahostela ke ayisizinda samagugu esintu kanye nokugcinwa kwezinye izinto zesiko ngoba phela imigubho yakhona yesintu ebungazwayo iba undabamlonyeni uma izokwenziwa. Phela emahostela akugcini ngokuthi kudlalwe ushameni kuphela lapho zisuke zidlana imlala ngengoma yesintu kepha futhi kukhona ngisho amaqembu omculo kaMaskandi ahlala khona la emahostela adume izwe lonke. Lapha singaba ubab’ uGadla Nxumalo ocula Maskandi ohlala ehostela eThembalihle KwaMashu okungesiyena yedwa kepha baningi nabanye. Ezinye izinhlobo zesintu ezinedumela kakhulu ehostela ucothoza mfana-Isicathamiya okungumdlalo woswenka abadla ingqephu baqhudelane ngamazwi amtoti omculo wesintu kanye nalo obizwa ngokithi “Gumboots Dance” owaqalwa ezimayini wenziwa izona izinsizwa zasemahostela.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).