Ukucupha Umgogo
Umgogo umdlalo odlalwa abafana uma belusile emadlelweni. Lena indlela yokuchitha isizungu nokuthi bathola nento abazoyidla ngoba kusuke kukude emakhaya ukuthi bayodla khona. Imigogo bacupha ngayo ukuze babambe izinyoni. Akuzona zonke izinyoni ezidliwayo. Umgogo ucushwa kanje: Uqala ngokubheka ukuthi kuleyondawo zikhona yini izihlahla ezihlangene lapho izinyoni zithanda ukuhlala khona. Into okuqalwa ngayo ukuhlanza indawo lapho kuzocushwa … Read more