Umqhudelwane wamagosa yilapho khona amaqembu esuke eqhudelana khona lapho kusuke kuhlangene izigodi ezahlukene kanye namagosa ahlukene ngezigodi. Amagosa uma ngabe kunale miqhudelwane asuke ehambela ema 40, igosa ngalinye lisuke lihamba nabantu balo abalinganiselwa kuma 20. Ngibe nengxoxo noKhetha Shange ohlala eCongo kodwa wakhulela eMbumbulu esigodini sase Ngonyameni. Usichazele ngokwenziwa uma kuqhudelana amagosa ukuthi kubanjani fuhi yini egqokwayo noam imvunulo.
Wenzelwa kuphi lomncintiswano?
Umncintiswane wamagosa wenzelwa endaweni eyintaba aphakeme lapho abantu bezokwazi ukuthi babone konke okwenziwayo ngoba ngenxa yobuningi babantu kungenzeka abanye bangaboni okwenzekayo.
Umklomelo Otholakalayo
Kubakhona umuntu endaweni onikela ngenkomo ukuthi uma kukhona iqembu eliphumelelayo noma igosa lesosigodi sizothatha inkomo. Lapho kusuke kunezinhlobo ezahlukene zengoma ezenziwa ngamaqembu ahlukene njengesigege, olunye lubizwa ngokuthi isicathulo kufakwe indlamu phakathi. Kube khona isishiyamela sihlukile ngoba imvunulo yakhona kubonakala ngokuthi kugqokwe ama crease belts bese befaka amabhulukwe amnyama. Ngesinye isikhathi lingatshela iqembu lalo ukuthi kumele lifingqwe ngasesandleni sokudla ibhulukwe bonke bazo kwenza kanjalo lokhu kwakubahlukanisa kahle uma kukhona iqembu eligqoke ngendlela efanayo neyelinye iqembu.
Kuba khona nabavunula ngamabheshu, laba bavamise ukuphatha izigubhu eziningi kuzothi ekugcineni kuzobe sekukhethwa izinsizwa ezi 5 ukuthi kube yizona ezizoshaya izigubhu zendlamu. Yilemvunulo ethandwa kakhulu ngabadala nabancane futhi kuba iwona abakwazi ukukhuzela kahle ngoba kusuke kuculwa izingoma zakwaZulu futhi ezihambisana namasiko abo.
Kwenzeka konke lokhu kusuke kukhona abantu abakhethiwe abazobheka ukuthi yiliphi iqembu elizophumelela. Amajaji azobe esekhetha igosa ekuyilona elisuke lidlule bonke ngokusina kanye nokucula. Kube inkomo inikwa igosa kanye neqembu lakhe ngokuwashaya wonke amakhanda lamanye amagosa. Inkomo ibe isithathwa igosa kanye neqembu bahambe nalo baye esigodini sangakubo. Umphakathi uyathokoza kukikizwe, inkomo ihlatshwe idliwe abantu abekade beye emcimbini beshaya izandla emcimbini kanye neqembu idliwela esigodini lesi esiphumelele umqhudelwane.
Kuzothi uma sebeqedile bayofaka induku lapho besuke besinela khona uma besalungisela umncintiswano wabo. Entabeni yabo kube sekuthathwa izimpondo zenkomo ebe ngumklomelo wabo bayozihloma endukwini ukuthi zibonwe iwona wonke umuntu ukuthi isigodi esithile esiwinile.
Lemidlalo ibikwazi ukuhlanganisa abantu besizwe esisodwa ukuthi bazojabula ngokuzithokozisa ngomculo nendlamu yesizwe sabo. Kwezinye izindawo zasemakhaya lemidlalo isaqhubeka ikakhulukazi ngezikhathi zamaholidi.
English Summary
Traditional dance competitions were held during holidays when most of young men were back from work. In these competitions different areas competed against each other. There were different awards for each competition in a form of a goat, sheep or a bull. This was taken by the winning group back to their area which is shared amongst the people who went to support the group. Khetha Shange shared this article with us.
During these competitions there are judges who are looking at how the group performs, how the leader excels and their traditional gear. There are different categories of traditional dance and songs, these are categorised by the attire that each group is wearing. At the end of the competition the winning group gets the prize that they take home. When they have slaughtered the beast they take its horns and put it on the stick that they place where they usually meet for practice to show people that they are the champions.
By: Nqobile Mdabe